ukuthi wakuhlangabeza endleleni , washaya abasemva kwakho , bonke ababebuthakathaka emva kwakho , lapho usukhathele , uphelile amandla ; kamesabanga uJehova.
Namadoda abizwe ngamagama ayesesukuma , abathatha abathunjwa, abembathisa impango bonke ababehamba ze , abembathisa, abafaka izicathulo, abapha ukudla , abaphuzisa, abagcoba, abakhweza ezimbongolweni bonke ababebuthakathaka , abayisa eJeriko umuzi wamasundu kubafowabo; ayesebuyela eSamariya.