Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase babuya , bamuka kubantwana bakwa -Israyeli eShilo eliyizwe laseKhanani ukuba baye ezweni lakwaGileyadi, izwe lefa labo, ababelwa lona njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose;