Umlilo waphuma kuJehova , waqeda abantu abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, ababenikele ngempepho.
Bawadiliza phambi kwakhe ama -altare awoBali ; nama-altare empepho ayephezu kwawo wawanquma ; waphula o-Ashera, nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo, wakucolisisa, wakuvumvuzela phezu kwamathuna ababenikele kukho.