UNkulunkulu wathi : Masenze abantu ngomfanekiso wethu , basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle , nezinyoni zezulu , nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni.
UNkulunkulu wababusisa ; uNkulunkulu wathi kubo : Zalani, nande, nigcwalise umhlaba , niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle , nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.