Izinduna zamakhulu zenza njengakho konke ukuyala kukaJehoyada umpristi, zathatha, kwaba yileyo naleyo abantu bayo ababeyakungena ngesabatha kanye nababeyakuphuma ngesabatha, zeza kuJehoyada umpristi.
AmaLevi naye wonke uJuda b enza njengakho konke uJehoyada umpristi ayale ngakho , bathatha, kwaba yilowo nalowo abantu bakhe ababeyakungena ngesabatha kanye nababeyakuphuma ngesabatha , ngokuba uJehoyada umpristi akamukisanga izigaba.