noZiza kaShifi ka-Aloni kaJedaya kaShimri kaShemaya.
UJahati wayeyinhloko , noZiza ngowesibili ; kepha oJewushe noBeriya babengenamadodana amaningi; ngalokho baba yindlu inye kayise , bebalwa kanyekanye.
Emva kwakhe wath atha uMahakha, indodakazi ka-Abisalomu; wamzalela o-Abiya, no-Athayi, noZiza, noShelomiti.