Wawamisa amaLevi endlini kaJehova ephethe amasimbali , nezingubhu, namahabu njengesiyalezo sika Davide nesikaGadi umboni wenkosi nesikaNathani ump rofethi, ngokuba isiyalezo sasingesikaJehova ngesandla sabaprofethi bakhe.
Nokho iminyaka eminingi wababekezelela , wabaxwayisa ngoMoya wakho ngesandla sabaprofethi bakho, kepha abezwanga; wawusubanikela esandleni sabantu bezizwe.
Ngikhulumile kubaprofethi , ngandisile imibono , ngifanekisile ngesandla sabaprofethi.
Akusiwo lawa mazwi uJehova awamemezayo ngesandla sabaprofethi bokuqala, lapho iJerusalema lalakhiwe lisabusa, nalapho imizi yalo nxazonke zalo nelaseningizimu nehlanze kwakwakhiwe, na?
Benza izi nhliziyo zabo zaba yidayimani , funa bezwe umthetho namazwi ayewathume uJehova Sebawoti ngoMoya wakhe ngesandla sabaprofethi bokuqala; ngalokho kwavela intukuthelo enkulu ivela kuJehova Sebawoti.