Sasuka lapho , sagudla ngenzansi kweKhupro , ngokuba imimoya yayiphambene nathi.
Sesihambe kancane izinsuku eziningi saze safika kalukhuni ngaseKinidu, umoya ungasivumeli, sagudla iKrethe maqondana neSalimone,
sagudla lona kalukhuni , safika endaweni ethile ethiwa Matheku Mahle ; eduze nayo kukhona umuzi waseLaseya.