Khona bayakuyiphendula abalungileyo ngokuthi : Nkosi, sakubona nini ulambile sakupha ukudla, noma womile sakuphuzisa, na?
Sakubona nini ungumfokazi sakungenisa, noma uhamba ze sakwembathisa, na?
Sakubona nini ugula, noma usetilongweni, seza kuwe, na?
Khona bayakuphendula nabo, bathi: Nkosi, sakubona nini ulambile, noma womile, noma ungumfokazi , noma uhamba ze , noma ugula , noma usetilongweni, singakukhonzanga, na?
Lokho okwakukhona kwasekuqaleni , esakuzwa, sakubona ngamehlo ethu , sakubheka, nezandla zethu zakuphatha, okwezwi lokuphila --
lokho kuphila kwabonakaliswa , sakubona, siyaqinisa sinishumayeza lokho kuphila okuphakade okwakukhona kuYise, kwabonakaliswa kithina --