Lelo zwe salidla ngaleso sik hathi; izwe elisukela e -Aroweri elisesigodini sase-Arinoni, nenxenye yezintaba zakwaGileyadi , nemizi yalo , sabanika khona abakwaRubeni nabakwaGadi;
Ngokuba isixuku sabantu , abaningi bakwa-Efrayimi nakwaManase nakwa- Isakare nakwaZebuloni , sasingazihlambululanga, salidla iphasika ngokungalotshiwe. Ngokuba uHezekiya wayebakhulekele ngokuthi : UJehova omuhle makathethelele