UDavide wabuza kuJehova, wathi: Ngixoshe lelo viyo na ? Ngingalifica na? Wamphendula wathi: Xosha, ngokuba uyakulifica impela, ukhulule konke.
Xosha isideleli, besekuphuma ukuxabana, kuphele ukuphikisana nehlazo.
Kodwa umbhalo uthini na ? Uthi: Xosha isigqilakazi nendodana yaso , ngokuba indodana yesigqilakazi ayisoze yalidla ifa kanye nendodana yokhululekileyo.