1 AmaKhosi Chapter 15
1
Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJerobowamu indodana kaNebati u-Abiyamu waba yinkosi kwaJuda.
2
Wabusa iminyaka emithathu eJerusalema ; igama likanina lalinguMahakha , indodakazi ka-Abisalomu.
3
Wahamba ezonweni zonke zikayise ayezenzile ngaphambi kwakhe; inhliziyo yakhe yayingekho kuNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kaDavide uyise.
4
Nokho ngenxa kaDavide uJehova uNkulunkulu wakhe wamnika isibani eJerusalema ngokuvusa indodana yakhe emva kwakhe nokumisa iJerusalema,
5
ngokuba uDavide w enza okulungile emehlweni kaJehova , kaphambukanga ngalutho amyala ngalo zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kuphela endabeni ka-Uriya umHeti.
6
Kwakukhona ukulwa phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.
7
Ezinye izindaba zika-Abiyamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na ? Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abiyamu noJerobowamu.
8
U-Abiyamu wayeselala koyise; bammbela emzini kaDavide; u-Asa indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
9
Ngomnyaka wamashumi amabili kaJerobowamu , inkosi yakwa -Israyeli, u- Asa waqala ukubusa phezu kukaJuda.
10
Wabusa iminyaka engamashumi amane nanye eJerusalema ; igama likanina lalinguMahakha indodakazi ka-Abisalomu.
11
U-Asa wenza okulungile emehlweni kaJehova njengoDavide uyise.
12
Waxosha izifebe zethempeli ezweni, wasusa nezithombe ayezenzile uyise.
13
Wamsusa uMahakha unina ebukhosikazini , ngokuba wayenzela u -Ashera isithombe esinengekayo ; u-Asa wanquma isithombe sakhe, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.
14
Kodwa izindawo eziphakemeyo azisuswanga ; nokho inhliziyo ka -Asa yayikuJehova ngokupheleleyo zonke izinsuku zakhe.
15
Wangenisa endlini kaJehova izinto ezingcwele zikayise nezinto zakhe ezingcwele: isiliva, negolide, nezitsha.
16
Kwakukhona ukulwa phakathi kuka -Asa noBahasha inkosi yakwa -Israyeli zonke izinsuku zabo.
17
UBahasha inkosi yakwa-Israyeli wenyuka ukuhlasela uJuda, wakha iRama, ukuze angavumeli muntu ukuphuma nokungena ku-Asa inkosi yakwaJuda.
18
U-Asa wayesethatha lonke isiliva negolide elalisele engcebeni yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi , wakunikela ezandleni zezinceku zakhe ; inkosi u -Asa yazithuma kuBeni Hadadi indodana kaTabirimoni kaHeziyoni , inkosi yase-Aramu, owayehlala eDamaseku, yathi:
19
Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo; bheka, ngithuma kuwe isipho sesiliva negolide ; hamba waphule isivumelwano sakho noBahasha inkosi yakwa-Israyeli ukuba asuke kimi.
20
UBeni Hadadi wayilalela inkosi u -Asa, wathuma izinduna zempi yakhe ukuba zihlasele imizi yakwa-Israyeli, wanqoba i-Ijoni, neDani, ne-Abela Beti Mahakha, nalo lonke iKineroti, kanye nalo lonke izwe lakwaNafetali.
21
Kwathi lapho uBahasha esekuzwile lokho, wayeka ukwakha iRama, wahlala eTirisa.
22
Inkosi u-Asa yayisibiza wonke uJuda , akwababikho owayenokuzilandulela, basusa amatshe aseRama nemithi yalo uBahasha ayakhe ngakho; inkosi u-Asa yakha ngakho iGeba lakwaBenjamini neMispa.
23
Zonke ezinye izindaba zika -Asa, nawo onke amandla akhe , nakho konke akwenzayo, nemizi ayakhayo , angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na ? Ngesikhathi sobudala bakhe wayenesifo ezinyaweni zakhe.
24
Wayeselala u -Asa koyise , wembelwa koyise emzini kaDavide uy ise; uJehoshafati indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. ONadabi noBahasha babusa kwa-Israyeli
25
UNadabi indodana kaJerobowamu waqala ukubusa phezu kuka -Israyeli ngomnyaka wesibili ka -Asa inkosi yakwaJuda , wabusa phezu kuka -Israyeli iminyaka emibili.
26
Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba endleleni kayise nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.
27
UBahasha indodana ka -Ahiya wendlu ka -Isakare wamenzela ugobe ; uBahasha wamnqoba eGibethoni elingelamaFilisti , ngokuba uNadabi naye wonke u-Israyeli babelivimbezela iGibethoni.
28
Ngomnyaka wesithathu ka -Asa inkosi yakwaJuda uBa hasha wambulala , wabusa esikhundleni sakhe.
29
Kwathi eseyinkosi , wabulala yonke indlu kaJerobowamu , kashiyelanga uJerobowamu noyedwa ophefumulayo, waze wamqothula njengezwi uJehova alikhulumile ngesandla senceku yakhe u-Ahiya waseShilo,
30
ngenxa yezono z ikaJerobowamu ona ngazo , futhi onisa ngazo u -Israyeli, ngokucunula kwakhe acunula ngakho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
31
Ezinye izindaba zikaNadabi nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
32
Kwakukhona ukulwa phakathi kuka -Asa noBahasha inkosi yakwa -Israyeli zonke izinsuku zabo.
33
Ngomnyaka wesithathu ka -Asa inkosi yakwaJuda uBahasha indodana ka - Ahiya waqala ukubusa phezu kuka -Israyeli wonke eTirisa , wabusa iminyaka engamashumi amabili nane.
34
Wenza okubi emehlweni kaJehova , wahamba endleleni kaJerobowamu nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.