Skip to Content

1 AmaKhosi Chapter 5

1 UHiramu inkosi yaseTire wathuma izinceku zakhe kuSolomoni , ngokuba wayezwile ukuthi ugcotshi we abe yinkosi esikhundleni sikayise , ngokuba uHiramu wayengumngane kaDavide njalo. 2 USolomoni wathumela kuHiramu, wathi: 3 Wena uyazi ukuthi uDavide ubaba wayengenakwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wakhe indlu ngenxa yezimpi ezazimzungeza nxazonke, uJehova waze wazibeka phansi kwamathe ezinyawo zakhe. 4 Kepha manje uJehova uNkulunkulu wami unginike ukuphumula nxazonke ; kakho omelana nami, akukho ngozi. 5 Bheka, sengicabanga ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu, njengalokho uJehova akhuluma kuDavide ubaba , ethi: Indodana yakho, engiyakuyibeka esihlalweni sakho sobukhosi esikhundleni sakho, yona iyakwakhela igama lami indlu. 6 Ngalokho yaleza ukuba bangigawulele imisedari eLebanoni , izinceku zami zibe nezakho ; ngiyakukunika inkokhelo yezinceku zakho njengakho konke ongakusho, ngokuba wena uyazi ukuthi akukho muntu kithi ongagawula imithi njengamaSidoni. 7 Kwathi uHiramu ezwile amazwi kaSolomoni wathokoza kakhulu , wathi: Makabusiswe uJehova namuhla omnikile uDavide indodana ehlakaniphileyo phezu kwalabo bantu abakhulu. 8 UHiramu wayesethumela kuSolomoni , wathi: Ngizwile lokho okuthume kimi; mina ngiyakwenza konke okufunayo ngemisedari nangemisayipuresi. 9 Izinceku zami ziyakuyehlisa eLebanoni, ziyiyise elwandle, mina ngiyenze ibe yizihlenga ezihamba elwandle , ziye endaweni oyakungiyalela yona , zihlakazwe khona; wena wozithatha khona, ufeze engikufunayo ngokubapha abendlu yami ukudla. 10 UHiramu wayesenika uSolomoni imisedari nemisayipuresi njengakho konke ukufuna kwakhe. 11 USolomoni wamnika uHiramu amakhora ayizinkulungwane ezingamashumi amabili kakolweni , ukudla kwabendlu yakhe , namakhora angamashumi amabili amafutha akhanyiweyo ; uSolomoni wamnika kanjalo uHiramu iminyaka ngeminyaka. 12 UJehova wamnika uSolomoni ukuhlakanipha njengokusho kwakhe kuye ; kwakukhona ukuthula phakathi kukaHiramu noSolomoni ; benza isivumelwano bobabili. Ukwakhiwa kwethempeli kuyalungiswa 13 Inkosi uSolomoni yabiza izisebenzi kubo bonke abakwa -Israyeli; izisebenzi zaba ngabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu. 14 Wabathuma eLebanoni , beyizinkulungwane eziyishumi ngenyanga , bededelana; babe seLebanoni inyanga , babe sekhaya izinyanga ezimbili ; u- Adoniramu wayephezu kwezisebenzi. 15 USolomoni wayenabathwalayo imithwalo abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa , nababazi bamatshe ezintabeni abayizinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalombili, 16 ngaphandle kwezinduna ezinkulu zikaSolomoni ezaziphethe umsebenzi , izinkulungwane ezintathu namakhulu amathathu , ezazibusa abantu ababewenza umsebenzi. 17 Inkosi yayala , baqopha amatshe amakhulu , amatshe anenani elikhulu , ukuba babeke isisekelo sendlu ngamatshe abaziweyo. 18 Abakhi bakaSolomoni nabakhi bakaHiramu nabaseGebali bawabaza, balungisa imithi namatshe ukwakha indlu.