1 iziKronike Chapter 11
1
Wonke u -Israyeli wabuthana kuDavide , wathi: Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho.
2
Nangesikhathi esidlulileyo uSawule eseyinkosi , nguwe o wakhipha nowangenisa u -Israyeli; uJehova uNkulunkulu wakho wathi kuwe : Wena uyakwalusa abantu bami u -Israyeli, wena uyakuba ngumbusi wabantu bami u-Israyeli.
3
Kwase kufika onke amalunga akwa -Israyeli enkosini eHebroni ; uDavide wenza isivumelwano nawo eHe broni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide ukuba abe yinkosi kwa -Israyeli njen gezwi likaJehova ngesandla sikaSamuweli.
4
UDavide naye wonke u -Israyeli baya eJerusalema eliyiJebusi ; amaJebusi ayakhe kulelo zwe ayeselapho.
5
Abakhileyo eJebusi bathi kuDavide : Awuyikungena lapha . UDavide wathatha nokho inqaba yaseSiyoni engumuzi kaDavide.
6
UDavide wathi: Lowo ochitha amaJebusi kuqala uyakuba yinhloko nenduna. Kwenyuka kuqala uJowabe indodana kaSeruya, waba yinhloko.
7
UDavide wahlala enqabeni; ngalokho bayibiza ngokuthi umuzi kaDavide.
8
Wakha umuzi nxazonke kusukela eMilo kuya nxazonke; uJowabe wavusa okuseleyo komuzi.
9
UDavide waqhubeka njalo ngokukhula , ngokuba uJehova Sebawoti wayenaye. Amaqhawe kaDavide
10
Yilaba abayizinhloko zamaqhawe uDavide ayenazo , zibambelela kuye ngamandla ebukhosini bakhe kanye naye wonke u-Israyeli ukumbeka inkosi njengezwi likaJehova ngo-Israyeli.
11
Nanku umumo wamaqhawe uDavide ayenawo : uJashobehamu indodana yomHakimoni, inhloko yamashumi amathathu ; waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala ngasikhathi sinye.
12
Emva kwakhe ngu -Eleyazare indodana kaDodo umAhohi owayengomunye wamaqhawe amathathu.
13
WayenoDavide ePhasi Damimi ; amaFilisti abuthana khona ukuyokulwa , lapho kwakukhona isiqephu sezwe esigcwele ibhali ; abantu babaleka ebusweni bamaFilisti.
14
Bema phakathi nesiqephu sezwe , basophula, bawabulala amaFilisti ; uJehova wabasindisa ngokusindisa okukhulu.
15
Kwehla abathathu kwabayizinhloko ezingamashumi amathathu , baya etsheni kuDavide emhumeni wase -Adulamu; impi yamaFilisti yayimise esiGodini samaRefa.
16
UDavide wayesesenqabeni, ikhanda lamaFilisti laliseBetlehema.
17
UDavide wanxanela , wathi: Hawu, sengathi ngingaphuziswa amanzi asemthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni.
18
Labo abathathu bafohla ikamu lamaF ilisti, bakha amanzi emthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni , bawathatha, bawaletha kuDavide ; kepha uDavide akavumanga ukuwaphuza , kodwa wawathululela uJehova , wathi:
19
UNkulunkulu wami makangenqabele ukuba ngenze lokhu ; ngiyakuphuza igazi lalaba bant u ababe sengozini na ? Ngokuba bawaletha besengozini ; akavumanga ukuwaphuza. Lezo zinto zenziwa yilawa maqhawe amathathu.
20
U-Abishayi umfowabo kaJowabe wayeyinhloko yabathathu , ngokuba waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe , wababulala, waba negama phakathi kwalaba abathathu.
21
Kulaba abathathu wayetusekile kunababili , waba yisikhulu sabo , kepha akafinyelelanga kwabathathu bokuqala.
22
NoBenaya indodana kaJehoyada, indodana yendoda enamandla, owayenze imisebenzi emikhulu , owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa.
23
Wabulala nowaseGibithe, umuntu omude, eyizingalo eziyisihlanu; esandleni sowaseGibithe kwakukhona umkhonto onjengogongolo lomaluki ; wehlela kuye ephethe i nduku nje, wawuhlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe , wambulala ngomkhonto wakhe.
24
Lezo zinto wazenza uBenaya indodana kaJehoyada, waba negama phakathi kwalawo maqhawe amathathu.
25
Bheka, wayetusekile kunabangamashumi amathathu, kepha akafinyelelanga kwabathathu bokuqala; uDavide wambeka phezu kwabalindi bakhe.
26
Amaqhawe anamandla nanka : u-Asaheli umfowabo kaJowabe , no- Elihanani indodana kaDodo waseBetlehema,
27
noShamoti waseHarori, noHelesi wasePheloni,
28
no-Ira indodana ka-Ikheshi waseThekhowa, no-Abiyezeri wase-Anathoti,
29
noSibekayi umHushati, no-Ilayi umAhohi,
30
noMaharayi waseNethofa, noHeledi indodana kaBahana waseNethofa,
31
no-Ithayi indodana kaRibayi waseGibeya labantwana bakwaBenjamini, noBenaya wasePirathoni,
32
noHurayi wangasemifudlaneni yakwaGahashi, no-Abiyeli wase-Araba,
33
no-Azimaveti waseBaharumi, no-Eliyaba waseShahaliboni,
34
namadodana kaHashemi waseGizoni , noJonathani indodana kaShage waseHarari,
35
no-Ahiyamu indodana kaSakri waseHarari, no-Elifali indodana ka-Uri,
36
noHeferi waseMekeri, no-Ahiya wasePheloni,
37
noHesiro waseKarmeli, noNaharayi indodana ka-Ezibayi,
38
noJoweli umfowabo kaNathani, noMibihari indodana kaHagiri,
39
noSeleki wakwa-Amoni, noNaharayi waseBeroti , udibi lukaJowabe indodana kaSeruya,
40
no-Ira waseJetheri, noGarebi waseJetheri,
41
no-Uriya umHeti, noZabadi indodana ka-Ahilayi,
42
no-Adina indodana kaShiza wakwaRubeni , inhloko yakwaRubeni , enabangamashumi amathathu,
43
noHanani indodana kaMahakha, noJeshoshafati umMiteni,
44
no-Uziya wase -Ashitaroti, noShama noJehiyeli amadodana kaHothamu wase-Aroweri,
45
noJediyayeli indodana kaShimri, noJoha umfowabo umThisi,
46
no-Eliyeli umMahavi , noJeribayi noJoshaviya amadodana ka -Elinahama, no-Itima wakwaMowabi,
47
no-Eliyeli, no-Obede, noJahashiyeli umMesoba.