Skip to Content

1 iziKronike Chapter 14

1 UHiramu inkosi yaseTire wathuma izithunywa kuDavide , nemisedari, nabakhi, nababazi ukuba bamakhele indlu. 2 UDavide waqonda ukuthi uJehova wayemmisile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, ngokuba umbuso wakhe waphakanyiselwa phezulu ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli. 3 UDavide wathatha abanye abafazi eJerusalema , uDavide wazala amanye amadodana namadodakazi. 4 Nanka amagama abantwana ayenabo eJerusalema: oShamuvwa, noShobabi, noNathani, noSolomoni, 5 noJibari, no-Elishuwa, no-Elipheleti, 6 noNoga, noNefegi, noJafiya, 7 no-Elishama, noBeyeliyada, no-Elifeleti. 8 AmaFilisti esezwile ukuthi uDavide ugcotshiwe ukuba abe yinkosi kwa - Israyeli wonke , onke amaFilisti enyuka ukumfuna uDavide ; uDavide wakuzwa, waphuma ukuwahlasela. 9 AmaFilisti esefikile ukungenela isiGodi samaRefa, 10 uDavide wabuza kuNkulunkulu , wathi: Ngenyukele ukuhlasela amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na ? UJehova wathi kuye : Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela esandleni sakho. 11 Base benyukela eBali Pherasimi , uDavide wa wachitha; uDavide wathi : UNkulunkulu ufohlele izitha zami ngesandla sami njengokufohla kwamanzi . Ngalokho baqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBali Pherasimi. 12 Ashiya khona onkulunkulu bawo; uDavide wathi mabashiswe ngomlilo. 13 AmaFilisti abuye angenela isigodi. 14 UDavide waphinda wabuza kuNkulunkulu ; uNkulunkulu wathi kuye : Ungenyuki emva kwawo; wagwegwesele, uwafikele malungana namajikijolo. 15 Kuyakuthi lapho usuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo , uphume impi, ngokuba uNkulunkulu uphumile ngaphambi kwakho ukuchitha impi yamaFilisti. 16 UDavide wenza njengokumyala kukaNkulunkulu, bachitha impi yamaFilisti kusukela eGibeyoni kuze kube seGezeri. 17 Igama likaDavide laphumela emazweni onke ; uJehova wehlisela izizwe zonke ingebhe ngaye.