Skip to Content

1 iziKronike Chapter 18

1 Kwathi emva kwalokho uDavide wa washaya amaFilisti , wawahlula, walithatha iGati nemizana yalo esandleni samaFilisti. 2 Wanqoba noMowabi ; abakwaMowabi baba yizinceku zikaDavide , bathela intela. 3 UDavide washaya noHadarezeri, inkosi yaseSoba ngaseHamati, ekuhambeni kwakhe ukuqinisa isandla sakhe ngasemfuleni u-Ewufrathe. 4 UDavide wamaphuca izinqola eziyinkulungwane , nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisikhombisa , nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa. 5 Ama-Aramu aseDamaseku esefika ukumsiza uHadarezeri inkosi yaseSoba , uDavide wabulala kuma -Aramu abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili. 6 UDavide wamisa amakhanda e -Aramu laseDamaseku ; ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona. 7 UDavide wathatha izihlangu zegolide ezazisezincekwini zikaHadarezeri , waziletha eJerusalema. 8 EThibahati naseKhuni imizi kaHadarezeri, uDavide wathatha ithusi eliningi kakhulu uSolomoni enza ngalo ulwandle lwethusi, nezinsika nezitsha zethusi. 9 Lapho uThowu inkosi yaseHamati ezwa ukuthi uDavide ushayile yonke impi kaHadarezeri inkosi yaseSoba, 10 wathuma uHadoramu , indodana yakhe , enkosini uDavide ukuyibingelela nokuyibusisa, ngokuba yay ilwile noHadarezeri , yamnqoba, ngokuba uHadarezeri wayelokhu elwa noThowu; wathuma izinhlobo zonke zezitsha zegolide nezesiliva nezethusi. 11 Nalezo inkosi uDavide yayizingcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide alisusa ezizweni zonke : ku-Edomi, nakuMowabi, nakubantwana bakwa - Amoni, nakumaFilisti, nakuma-Amaleki. 12 U-Abishayi, indodana kaSeruya , wabulala kwabakwa -Edomi esiGodini sikaSawoti, izinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili. 13 Wamisa amakhanda kwa -Edomi; bonke abakwa -Edomi baba yizinceku zikaDavide. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona. Izinduna zikaDavide 14 UDavide wabusa phezu kuka -Israyeli wonke , waphatha ukwahlulela nokulunga kubo bonke abantu bakhe. 15 UJowabe indodana kaSeruya wayephezu kwempi ; uJehoshafati, indodana ka-Ahiludi, wayengumabhalana; 16 uSadoki, indodana ka-Ahithubi, no-Abimeleki indodana ka -Abiyathara, babe ngabapristi; noShawusha wayengumbhali; 17 uBenaya, indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti ; amadodana kaDavide ayengabokuqala ngasenkosini.