1 iziKronike Chapter 20
1
Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi , uJowabe wahola amaqhawe empi , wachitha izwe labantwana bakwa -Amoni, weza wavimbezela iRaba ; kepha uDavide wahlala eJerusalema . UJowabe walinqoba iRaba, walidiliza.
2
UDavide wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo, wafumana isisindo sawo ukuthi sasiyitalenta legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide; wakhipha emzini impango eningi kakhulu.
3
Wakhipha nabantu ababe phakathi kwawo , wabanquma ngamasaha , nangezibhuqo zensimbi , nangamazembe; wenze njalo uDavide kuyo yonke imizi yabantwana bakwa -Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.
4
Emva kwalokho kwavuka impi namaFilisti eGezeri ; khona uSibekayi , umHushati, wabulala uSiphayi wamadodana amaRefa; anqotshwa.
5
Kwabuye kwaba khona impi namaFilisti ; u-Elihanani, indodana kaJayire , wabulala uLahimi umfowabo kaGoliyati , umGiti, oluthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki.
6
Kwabuye kwaba khona impi eGati , lapho kwakukhona umuntu omude ; iminwe yakhe nezinzwani z akhe kwakungamashumi amabili nane , isithupha esandleni sisinye, nesithupha onyaweni lulunye; naye wazalwa yiRefa.
7
Wameyisa u-Israyeli; ngalokho uJonathani indodana kaShimeya umfowabo kaDavide wambulala.
8
Labo bazalwa ngamaRefa eGati , bawa ngesandla sikaD avide nangesandla sezinceku zakhe.