1 iziKronike Chapter 22
1
UDavide wathi: Le iyindlu kaJehova uNkulunkulu , leli liyi-altare lomnikelo wokushiswa ka-Israyeli.
2
UDavide wayala ukuba babuthe bonke abafokazi ababe sezweni lakwa - Israyeli, wabeka abakhi ukubaza amatshe axhoziweyo ukuba bakhe indlu kaNkulunkulu.
3
UDavide walungisa insimbi eningi yezipikili zezivalo zamasango nezokuhlanganisa, kanye nethusi eliningi elingenakulinganiswa,
4
nemisedari engenakubalwa , ngokuba amaSidoni nabaseTire baletha imisedari eminingi kuDavide.
5
UDavide wathi: USolomoni in dodana yami usengumfana , usathambile, nendlu eyakwakhelwa uJehova nga iba nkulu , ibatshazwe, ibe negama nodumo emazweni onke ; ngizakuyilungisela. Wayeseyilungisela kakhulu uDavide engakafi.
6
Wayesebiza uSolomoni indodana yakhe , wamyala ukumakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu.
7
UDavide wathi kuSolomoni indodana yakhe : Mina-ke, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu.
8
Kepha izwi likaJehova lafika kimi , lathi: U chithile igazi eliningi , uphake izimpi ezinkulu ; awuyikwakhela igama lami indlu , ngokuba uchithe igazi eliningi emhlabathini emehlweni ami;
9
bheka, uyakuzalelwa indodana eyakuba ngumuntu wokuthula ; ngiyakumnika ukuphumula ezitheni zakhe nxazonke , ngokuba igama lakhe liyakuba nguSo lomoni; ukuthula nokuzola ngi yakumnika khona u -Israyeli emihleni yakhe;
10
uyakwakhela igama lami indlu ; uyakuba yindodana yami , mina ngibe nguyise; ngiyakuqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wakhe kwa -Israyeli kuze kube phakade.
11
Kalokhu, ndodana yami, uJehova makabe nawe, ube nempumelelo, wakhe indlu kaJehova uNkulunkulu wakho njengokukhuluma kwakhe kuwe.
12
Kuphela, uJehova makakuphe ukuhlakanipha nokuqonda , akuyale ngo - Israyeli ukuba ugcine umthetho kaJehova uNkulunkulu wakho.
13
Khona uyakuphumelela, uma ugcina ukwenza izimiso nezah lulelo uJehova ayala ngazo uMose ngo -Israyeli; qina, ume isibindi ; ungesabi, ungabi naluvalo.
14
Bheka, ekuhluphekeni kwami ngilungisele indlu kaJehova amatalenta ayizinkulungwane eziyikhulu egolide , namatalenta ayizinkulungwane eziyinkulungwane esiliva, nethusi nensimbi okungenakulinganiswa, ngokuba kuningi; ngilungisile nemithi namatshe; uyakwenezela kukho.
15
Kukhona kuwe izisebenzi eziningi , ababazi, nezisebenzi zamatshe nezemithi, nabo bonke abayizingcweti emisebenzini yonke:
16
eyegolide, neyesiliva, neyethusi, neyensimbi, kungenakubalwa; suka usebenze; uJehova makabe nawe.
17
UDavide wayala zonke izikhulu zakwa-Israyeli ukusiza uSolomoni, wathi:
18
UJehova uNkulunkulu wenu akanani na ? Akaniphanga ukuphumula nxazonke na ? Ngokuba unikele esandleni sami aba khileyo ezweni ; izwe linyatheliwe phambi kukaJehova naphambi kwabantu bakhe.
19
Kalokhu nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu ekufuneni uJehova uNkulunkulu wenu ; sukani nakhe indlu en gcwele kaJehova uNkulunkulu ukuba kungeniswe umphongolo wesivumelwano sikaJehova nezinto ezingcwele zikaNkulunkulu endlini eyakwakhelwa igama likaJehova.