Skip to Content

1 iziKronike Chapter 3

1 Laba babe ngamadodana kaDavide azalelwa wona eHebroni : izibulo ngu - Amnoni ku -Ahinohama umHizreyelikazi; owesibili nguDaniyeli ku -Abigayili umKarmelikazi; 2 owesithathu ngu -Abisalomu indodana kaMahakha indodakazi kaTalimayi inkosi yaseGeshuri; owesine ngu-Adoniya indodana kaHagiti; 3 owesihlanu nguShefathiya ku-Abithali; owesithupha ngu-Itereyamu ku-Egila umkakhe. 4 Wazalelwa ayisithupha e Hebroni; wabusa khona iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha ; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu. 5 Yilaba azalelwa bona eJerusalema : ngoShimeya, noShobabi, noNathani, noSolomoni, bebane, kuBati Shuwa indodakazi ka-Amiyeli, 6 noJibari, no-Elishama, no-Elifeleti, 7 noNoga, noNefegi, noJafiya, 8 no-Elishama, no-Eliyada, no-Elifeleti, beyisishiyagalolunye. 9 Bonke labo babe ngamadodana kaDavide ngaphandle kwamadodana ezancinza; uTamari wayengudadewabo. 10 Indodana kaSolomoni yayin guRehobowamu; ngu-Abiya indodana yakhe ; ngu-Asa indodana yakhe; nguJehoshafati indodana yakhe; 11 nguJoramu indodana yakhe ; ngu-Ahaziya indodana yakhe ; nguJowashi indodana yakhe; 12 ngu-Amasiya indodana yakhe ; ngu-Azariya indodana yakhe ; nguJothamu indodana yakhe; 13 ngu-Ahazi indodana yakhe ; nguHezekiya indodana yakhe ; nguManase indodana yakhe; 14 ngu-Amoni indodana yakhe; nguJosiya indodana yakhe. 15 Amadodana kaJosiya : izibulo nguJohanani ; owesibili nguJehoyakimi ; owesithathu nguSedekiya; owesine nguShalumi. 16 Amadodana kaJehoyakimi : nguJekoniya indodana yakhe noSedekiya indodana yakhe. 17 Amadodana kaJekoniya umthunjwa: ngoSheyalitiyeli indodana yakhe, 18 noMalikiramu, noPhedaya, noShenasari, noJekamiya, noHoshama, noNedabiya. 19 Amadodana kaPhedaya : ngoZerubabele noShimeyi ; amadodana kaZerubabele: ngoMeshulamu noHananiya uShelomiti wayengudadewabo 20 noHashuba, no-Oheli, noBerekiya, noHasadiya, noJushabi Hesedi , beyisihlanu. 21 Amadodana kaHananiya: ngoPhelathiya, noJeshaya, namadodana kaRefaya, namadodana ka -Arinani, namadodana ka -Obadiya, namadodana kaShekaniya. 22 Amadodana kaShekaniya : nguShemaya; amadodana kaShemaya : ngoHathushi, no-Igali, noBariya, noNehariya, noShafati, beyisithupha. 23 Amadodana kaNehariya : ngo-Eliyohenayi, noHezekiya, no-Azirikamu, bebathathu. 24 Amadodana ka -Eliyohenayi: ngoHodaviya, no-Eliyashibi, noPhelaya, no- Akubi, noJohanani, noDelaya, no-Anani, beyisikhombisa.