1 kaJohane Isahluko 4
1
Bathandekayo, maningakholwa yibo bonke omoya , kepha hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini ; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.
2
Yazini uMoya kaNkulunkulu ngalokhu: bonke omoya abavuma ukuthi uJesu Kristu ufikile enyameni bangabakaNkulunkulu;
3
lowo moya ongamvu mi uJesu akasiye okaNkulunkulu; lowo ungowomphikukristu enizwe ngaye ukuthi uyeza , nakalokhu usefikile ezweni.
4
NingabakaNkulunkulu nina bantwanyana , nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.
5
Bona bangabezwe; ngalokho bakhuluma okwezwe, nezwe liyabezwa.
6
Thina singabakaNkulunkulu ; omaziyo uNkulunkulu uyasizwa , ongesiye okaNkulunkulu akasizwa . Ngalokho siyamazi umoya weqiniso nomoya wokuduka. Ukuthanda uNkulunkulu nokuthanda abantu
7
Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu, nabo bonke abathandayo bazelwe nguNkulunkulu, bayamazi uNkulunkulu.
8
Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando.
9
Uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi ngalokho ukuthi uNkulunkulu wathumela ezweni iNdodana yakhe ezelwe y odwa ukuba siphile ngayo.
10
Uthando lukulokhu , kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu , kepha ukuthi yena wasithanda thina , wathuma iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu.
11
Bathandekayo, uma uNkulunkulu wasithanda kanjalo , nathi simelwe ukuthandana.
12
UNkulunkulu akazange abonwe muntu ; uma sithandana , uNkulunkulu uhlala kithi, nothando lwakhe luphelele kithi.
13
Ngalokho siyazi ukuthi sihlala kuye , naye kithi , ngokuba usiphile okukaMoya wakhe.
14
Thina sibonile , siyafakaza ukuthi uYise wayithu ma iNdodana ibe nguMsindisi wezwe.
15
Lowo ovuma ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu.
16
Thina siyalwazi , sikholwa yilo lolu thando uNkulunkulu analo kithina . UNkulunkulu uluthando , nohlala othandweni uhlala kuN kulunkulu, noNkulunkulu uhlala kuye.
17
Ngalokho uthando luphelelisiwe kithi , ukuze sibe nesibindi ngosuku lokwahlulelwa, ngokuba njengalokhu enjalo yena, sinjalo nathi kuleli zwe.
18
Akukho ukwesaba othandweni , kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso , nowesabayo akaphelele othandweni.
19
Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala.
20
Uma umuntu esho ukuthi : Ngiyamthanda uNkulunkulu , kepha ezonda umzalwane wakhe , ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.
21
Yebo, lo myalo sinawo, uvela kuNkulunkulu, wokuthi othanda uNkulunkulu makathande nomzalwane wakhe.