Skip to Content

1 kuThimothewu Chapter 4

1 Kepha uMoya usho ngokuchachileyo ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni , benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni, 2 ngokuzenzisa kwabaqamba amanga abashiswe uphawu kunembeza wabo, 3 benqabela ukuganana , bethi akuzilwe ukudla akudalayo uNkulunkulu ukuba kwamukelwe ngokubonga yibo abakholwayo nabalaziyo iqiniso. 4 Ngokuba konke okudalwe nguNkulunkulu kuhle ; akulahlwa lutho , uma kwamukelwa ngokubonga, 5 ngokuba kungcweliswa ngezwi likaNkulunkulu nomkhuleko. 6 Nxa ubeka lezo zinto kubazalwane , uyakuba yisikhonzi esihle sikaKristu Jesu, wondliwa ngamazwi okukholwa nesifundiso esihle osilandeleyo; 7 kepha wale izinganekwane ezingcolileyo nezezal ukazi. Kepha zijwayeze ekumesabeni uNkulunkulu. 8 Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana , kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke , kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo. 9 Likholekile leli zwi, lifanele impela ukwamukelwa, 10 ngokuba sikhandlekela lokho , siyashikashikeka, ngokuba sithembele kuNkulunkulu ophilayo onguMsindisi wabantu bonke , ikakhulu wabakholwayo. 11 Woyala ngalezo zinto, ufundise ngazo. UPawulu ululeka uThimothewu abe yisibonelo, athembeke enkonzweni 12 Makungabikho mun tu odelela ubusha bakho , kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi , nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka. 13 Nakekela ukufunda, nokuyala, nokufundisa, ngize ngifike. 14 Ungasidebeseli isiphiwo esikuwe , owasiphiwa ngezwi lokuprofetha nangokubekwa izandla ngamalunga. 15 Nakekela lezo zinto, ume kuzo, ukuze ukuqhubeka kwakho kuqhame kubo bonke. 16 Ziqaphele wena kanye nesifundiso, ume kulezo zinto; ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.