Skip to Content

1 kwabaseKorinte Chapter 14

1 Jongani uthando , futhi nizondelele iziphiwo zomoya , ikakhulu ukuba niprofethe. 2 Ngokuba okhuluma ngezilimi ka khulumi kubantu , kepha ukhuluma kuNkulunkulu; ngokuba kakho ozwayo, ukhuluma izimfihlakalo ngomoya. 3 Kepha oprofethayo ukhuluma kubantu kube ngukwakha , nokududuza, nokuqunga isibindi. 4 Okhuluma ngezilimi uyazakha yena, kepha oprofethayo wakha ibandla. 5 Nokho bengithanda ukuba nikhulume ngezilimi nonke , kepha kakhulu ukuba niprofethe; mkhulu kodwa oprofethayo kunokhuluma ngezilimi , uma engahumushi, ukuze ibandla lakheke. 6 Manje-ke, bazalwane, uma ngiza kini ngikhuluma ngezilimi , ngiyakunisiza ngani, uma ngingakhulumi kini noma ngokwambula , noma ngokwazi, noma ngokuprofetha, noma ngokufundisa na? 7 Nezinto ezingenamphefumulo ezikhalayo , noma igenkle noma ihabhu , uma zingakhali ngokwahlukeneyo , kuzakwaziwa kanjani okubethwa ngegenkle nangehabhu na? 8 Ngokuba um a icilongo likhala ngezwi elingaqondakaliyo , ngubani oyakuzilungiselela ukulwa na? 9 Kanjalo nani , uma ningakhiphi izwi elichachileyo ngolimi , kuzakwaziwa kanjani okukhulunywayo na? Ngokuba niyakube nikhuluma emoyeni. 10 Kukhona izinhlobo noma zingahle zibe zingaki zokukhuluma ezweni, kepha alukho olungasho okuthile. 11 Ngakho-ke uma ngingakwazi okuqondiwe ngokukhulunywayo ngiyakuba ngowezizwe nje kokhulumayo, nokhulumayo abe ngowezizwe kimi. 12 Ngokunjalo nani , lokhu nishisekele iziphiwo zomoya , funani ukuba n ibe nazo kakhulu, ukuze kwakheke ibandla. 13 Ngakho-ke okhulumayo ngezilimi akhulekele ukuba akuhumushe. 14 Ngokuba uma ngikhuleka ngezilimi , kukhuleka umoya wami , kepha ingqondo yami ayinasithelo. 15 Kunjani pho? Ngizakukhuleka ngomoya, ngikhuleke nangengqondo futhi; ngizakuhuba ngomoya, ngihube nangengqondo futhi. 16 Uma kungenjalo , nxa ubonga ngomoya , lowo osesikhundleni sabangafundile angasho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho na , lokhu engakwazi okushoyo? 17 Ngokuba nempela ubonga kahle wena, kepha lowo omunye akakhiwa. 18 Ngibonga uNkulunkulu ngokuba ngikhuluma ngezilimi kakhulu kunani nonke; 19 kodwa ebandleni ngingathanda ukukhuluma amazwi ayisihlanu ngengqondo yami , ukuze ngifundise abanye , kunamazwi ayizinkulungwane eziyishumi ngezilimi. 20 Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo , kanti ebubini nibe yizingane, kepha engqondweni nibe ngabakhulileyo. 21 Emthethweni kulotshiwe ukuthi : Ngabantu bezinye izilimi , nangezindebe zabezinye izizw e ngiyakukhuluma kulesi sizwe ; kepha noma kunjalo abayikungizwa, kusho iNkosi. 22 Njalo-ke izilimi ziyisibonakaliso kwabangakholwayo , kungesikho kwabakholwayo; kepha ukuprofetha kuyisibonakaliso kwabakholwayo , kungesikho kwabangakholwayo. 23 Ngakho-ke uma ibandla lonke libuthene ndawonye , bonke bakhulume ngezilimi, bese k ungena abangafundile noma abangakholwayo , abazukuthi niyahlanya na? 24 Kepha uma bonke beprofetha , kungene ongakholwayo noma ongafundile , uzakuhlatshwa yibo bonke, ahlulelwe yibo bonke; 25 okufihliweyo kwenhliziyo yakhe kuyadalulwa; njalo uyakuwa ngobuso , akhuleke kuNkulunkulu, aqinise athi: Impela uNkulunkulu ukhona phakathi kwenu. Indlela yokukhonza kwebandla 26 Kunjani, pho, bazalwane? Uma nibuthana , yilowo nalowo uba nehubo , noma isifundiso, noma ukwambula, noma izilimi, noma ukuhumusha. Konke akwenzelwe ukwakhiwa kwebandla. 27 Uma-ke umuntu ekhuluma ngezilimi , akube ngababili , bangadluli kwabathathu, badedelane, omunye ahumushe; 28 kepha uma kungekho ohumushayo , kathule ebandleni, azikhulumele yena yedwa nakuNkulunkulu. 29 Abaprofethi-ke, kukhulume ababili noma babe bathathu , abanye bakuhlole. 30 Kepha uma kwambulwa utho komunye ohlezi khona, kathule owokuqala. 31 Ngokuba ningaprofetha nonke abanye ngabanye , ukuze bafunde bonke , balulekwe bonke; 32 imimoya yabaprofethi ithobela abaprofethi; 33 ngokuba uNkulunk ulu kasiye owesiyaluyalu kepha ngowokuthula . Njengokuba kunjalo emabandleni onke abangcwele, 34 abesifazane mabathule emabandleni ; ngokuba kabavunyelwe ukuba bakhulume, kepha mabazithobe, njengokuba usho njalo nomthetho. 35 Uma-ke bethanda ukufunda utho , mababuze emadodeni abo emakhaya ; ngokuba kuyihlazo ukuba owesifazane akhulume ebandleni. 36 Konje izwi likaNkulunkulu laphuma kinina na? Nokuba lafika kinina nodwa na? 37 Uma umuntu ethi ungumprofethi , noma ethi ungowomoya , makaqonde ukuthi lokhu enginilobela khona kungumyalo weNkosi. 38 Kepha uma umuntu engazi, makahlale engazi. 39 Ngakho-ke, bazalwane bami , zondelelani ukuprofetha , ningakuvimbeli ukukhuluma ngezilimi. 40 Kepha konke makwenziwe ngemfanelo nangenhlelo.