1 uSamuweli Chapter 22
1
UDavide wayesesuka khona , wabaleka, waya emhumeni wase -Adulamu; lapho abafowabo nabo bonke abendlu kayise bekuzwa, behlela khona kuye.
2
Kwabuthana kuye bonke abanosizi, nabo bonke abanesikwenetu, nabo bonke abanenhliziyo enomunyu , waba yinduna phezu kwabo ; kwakukhona naye kungathi abantu abangamakhulu amane.
3
UDavide wasuka khona , waya eMispa lakwaMowabi , wathi enkosini yakwaMowabi: Ake beze ubaba nomame , bahlale kini , ngize ngazi ukuthi uNkulunkulu uyakwenzani kimi.
4
Wabaletha phambi kwenkosi yakwaMowabi, bahlala kuye zonke izinsuku uDavide esenqabeni.
5
Umprofethi uGadi wathi kuDavide : Ungahlali enqabeni; hamba uye ezweni lakwaJuda. Wayesesuka uDavide, wafika ehlathini laseHereti. USawule ubulala abaseNobi
6
USawule wezwa ukuthi uDavide uyaziwa nabantu ababe naye ; uSawule wayehlezi eGibeya phansi komtamariske egqumeni ephethe umkhonto esandleni sakhe, zonke izinceku zimi ngakuye.
7
USawule wathi ezincekwini zakhe ezazimi ngakuye : Yizwani nina bakwaBenjamini; indodana kaJese iyakuninika nonke amasimu nezivini , inenze nonke nibe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu,
8
ngokuba ningenzele nonke ugobe , akwababikho ongitshelileyo lapho indodana yami yenza isivumelwano nendodana kaJese , akwababikho kini ongidabukelayo nongitshelayo ukuthi indodana yami ingivusele inceku yami ukuba ingiqamekele njenganamuhla.
9
UDowegi wakwa-Edomi owayemi ngakuzo izinceku zikaSawule waphendula wathi: Ngabona indodana kaJese iza eNobi ku -Ahimeleki indodana ka - Ahithubi.
10
Wambuzela kuJehova, wamnika umphako, wamnika nenkemba kaGoliyati umFilisti.
11
Inkosi yayisithumela ukubiza u -Ahimeleki umpristi, indodana ka-Ahithubi, nendlu yonke kayise, abapristi ababeseNobi; beza bonke enkosini.
12
USawule wathi: Yizwa-ke, wena ndodana ka-Ahithubi. Waphendula wathi: Ngilapha, nkosi.
13
USawule wathi kuye : Ningenzeleleni ugobe , wena nendodana kaJese , ngokuyinika isinkwa nenkemba , uyibuzele kuNkulunkulu ukuba ingivukele , ingiqamekele njenganamuhla, na?
14
U-Ahimeleki waphendula inkosi , wathi: Ngubani kuzo zonke izinceku zakho othembekile njengoDavide, umkhwenyana wenkosi, nenduna yabalindi bakho, nodumileyo endlini yakho, na?
15
Ngiqale namuhla yini ukumbuzela kuJehova na? Makube kude nami; inkosi mayingabeki cala encekwini yayo , nakuyo yonke indlu kaba ba, ngokuba inceku yakho ayazi lutho lwayo yonke le ndaba, oluncane noma olukhulu.
16
Inkosi yayisithi : Uyakufa nokufa , Ahimeleki, wena nayo yonke indlu kayihlo.
17
Inkosi yathi kuzo izigijimi ezazimi ngakuyo : Sondelani, nibulale abapristi bakaJehova, ngokuba nesandla sabo sinaye uDavide nangokuba bazi ukuthi uDavide wabaleka , bengakwambulelanga kimi . Kepha izinceku zenkosi azivumanga ukwelula isandla sazo ukuba zisukele abapristi bakaJehova.
18
Inkosi yathi kuDowegi : Sondela wena , usukele abapristi . UDowegi wabakwa-Edomi wasondela , wabasukela abapristi , wabulala ngalolo suku abantu abangamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu , abembethe ingubo yamahlombe yelineni.
19
INobi, umuzi wabapristi , walichitha ngosiko lwenkemba, abesilisa nabesifazane, izingane nabancelayo, izinkabi nezimbongolo nezimvu, ngosiko lwenkemba.
20
Omunye wamadodana ka -Ahimeleki indodana ka -Ahithubi ogama lakhe lingu-Abiyathara wabaleka, wamlandela uDavide.
21
U-Abiyathara wamtshela uDavide ukuthi uSawule ubulele abapristi bakaJehova.
22
UDavide wathi ku-Abiyathara: Ngazi ngalolo suku mhla uDowegi wakwa - Edomi elapho ukuthi uyakumtshela nokumtshela uSawule ; yimi engibangele ukuba bafe abantu bonke bendlu kayihlo.
23
Hlala kimi , ungesabi, ngokuba ofuna ukuphila kwami ufuna ukuphila kwakho, kepha uyakulondolozeka kimi.