Skip to Content

2 iziKronike Chapter 10

1 URehobowamu waya eShekemi , ngokuba wonke u -Israyeli wayefikile eShekemi ukumbeka inkosi. 2 Kwathi lapho uJerobowamu indodana kaNebati ekuzwile ngokuba wayeseGibithe, lapho ayebalakele khona, ebalekele ubuso benkosi uSolomoni uJerobowamu wabuya eGibithe. 3 Bathuma bambiza ; uJerobowamu naye wonke u -Israyeli beza , bakhuluma kuRehobowamu, bathi: 4 Uyihlo wenza ijoka lethu laba lukhuni ; ngalokho yenza wena ube lula umsebenzi olukhuni kayihlo nejoka lakhe elisindayo owalibeka phezu kwethu, siyakukukhonza. 5 Wathi kubo: Buyelani kimi emva kwezinsuku ezintathu. Basuka-ke abantu. 6 Inkosi uRehobowamu yelulekana namalunga ayemile phambi kukaSolomoni uyise esekhona , yathi: Nina ningeluleka ukubuyisela mpenduloni kulaba bantu na? 7 Akhuluma kuye , athi: Uma uzakuba muhl e kulaba bantu , ubathokozise, ukhulume amazwi amahle kubo, bayakuba yizinceku zakho izinsuku zonke. 8 Kepha walahla isiluleko samalunga ameluleke ngaso, welulekana nezinsizwa eziyintanga yakhe, ezazimi phambi kwakhe. 9 Wathi kuzo : Nina niluleka ukuba sibuyis e mpenduloni kulaba bantu abakhulume kimi ngokuthi : Yenza ijoka uyihlo alibeka phezu kwethu libe lula, na? 10 Zase zikhuluma kuye izinsizwa eziyintanga yakhe , zithi: Uyakusho kanje kubantu abakhulume kuwe ngokuthi : U yihlo walenza ijoka lethu lasinda , kepha wena ulenze libe lula kithina , uyakusho kubo kanje ukuthi: Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa. 11 Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo , mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngawofezela. 12 UJerobowamu nabantu bonke ba se befika kuRehobowamu ngosuku lwesithathu njengokusho kwenkosi ithi: Buyelani kimi ngosuku lwesithathu. 13 Inkosi yabaphendula kalukhuni ; inkosi uRehobowamu yalahla isiluleko samalunga, 14 yakhuluma kubo njengesiluleko sezinsizwa ngokuthi : Ubaba walenza ijo ka lenu lasinda , mina ngiyakwenezela kulo ; ubaba wanishaya ngesiswebhu , mina ngawofezela. 15 Inkosi ayibalalelanga abantu , ngokuba kwakuyisiyiba esivela kuNkulunkulu, ukuze uJehova amise izwi lakhe alikhulumayo ngesandla sika-Ahiya waseShilo kuJerobowamu indodana kaNebati. 16 Wonke u-Israyeli esebonile ukuthi inkosi ayibalalelanga , abantu babuyisela izwi enkosini , bathi: Sinasabelo sini kuDavide na ? Ifa asinalo endodaneni kaJese. Yilowo nalowo makaye etendeni lakhe , Israyeli; zibhekele indlu yakho manje, Davide. Wayesesuka u-Israyeli wonke, waya ematendeni akhe. 17 Kepha abantwana bakwa -Israyeli abakhe emizini yakwaJuda , uRehobowamu wabusa phezu kwabo. 18 Inkosi uRehobowamu yathuma u -Adoramu owayephezu kwezisebenzi ; abantwana bakwa -Israyeli bamkhanda ngamatshe, wafa. Inkosi uRehobowamu yashesha ukukhwela inqola yayo ukuba ibalekele eJerusalema. 19 U-Israyeli wayeseyihlubuka-ke indlu kaDavide kuze kube namuhla.