2 iziKronike Chapter 13
1
Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenk osi uJerobowamu u -Abiya waba yinkosi kwaJuda.
2
Wabusa iminyaka emithathu eJerusalema ; igama likanina lalinguMikhaya indodakazi ka-Uriyeli waseGibeya. Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abiya noJerobowamu.
3
U-Abiya waqala ukulwa enempi yamaqhawe anamandla , abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane ezingamakhulu amane , kepha uJerobowamu wahlela ukulwa naye enabantu abakhethiweyo abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisishiyagalombili , bengamaqhawe anamandla.
4
U-Abiya wema entabeni yaseS emarayimi esezintabeni zakwa -Efrayimi, wathi: Ngizweni wena Jerobowamu no-Israyeli wonke:
5
Bekunganifanele ukwazi yini ukuthi uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli wanika uDavide umbuso kwa -Israyeli kuze kube phakade , yena namadodana akhe, ngesivumelwano sikasawoti, na?
6
Nokho uJerobowamu in dodana kaNebati , inceku kaSolomoni indodana kaDavide, wavuka, wahlubuka inkosi yakhe.
7
Kwabuthana kuye amayiyane , abantu ababi , aziqinisa ukulwa noRehobowamu indodana kaSolomoni , uRehobowamu esemusha, inhliziyo isathambile, engenakumelana nawo.
8
Manje nit hi niyakumelana nobukhosi bukaJehova obusesandleni samadodana kaDavide , lokhu niyisixuku esikhulu , futhi kukhona amathole egolide enenzelwa wona nguJerobowamu ukuba abe ngonkulunkulu benu.
9
Anixoshanga yini abapristi bakaJehova , amadodana ka -Aroni namaLev i, nazenzela abapristi ngendlela yabantu bezizwe ; bonke abafika ukwahlukaniselwa, bephethe iduna nezinqama eziyisikhombisa , bangaba ngabapristi babangesibo onkulunkulu.
10
Kepha thina, uJehova unguNkulunkulu wethu ; asimshiyanga; sinabapristi abamkhonzayo uJehova, amadodana ka-Aroni namaLevi emisebenzini yabo;
11
bamshisela uJehova iminikelo yokushiswa nempepho ethaphukayo ekuseni nakusihlwa njalo , basihlela isinkwa sokubukwa etafuleni elihlanzekileyo , bokhela uthi lwezibani lwegolide nezibani zalo kusihlwa njalo, ngokuba thina sigcina imfanelo kaJehova uNkulunkulu wethu, kepha nina nimshiyile.
12
Futhi bhekani , uNkulunkulu unathi , uyinhloko yethu , kanye nabapristi abaphethe amacilongo okuhlaba umkhosi ukuba bawakhalise ngani ; bantwana bakwa -Israyeli, ningalwi noJehova uNkulunkulu wawoyihlo , ngokuba aniyikuphumelela.
13
Kepha uJerobowamu wayegwegwesisile abaqamekeli ukuba bafike emuva ; babe phambi kukaJuda, abaqamekeli babe semva kwabo.
14
Lapho uJuda esephenduka , bheka, impi yayingaphambili nangasemva kwabo; bakhala kuJehova, abapristi bakhalisa amacilongo.
15
Base bekhamuluka abantu bakwaJuda , nalapho abantwana bakwaJuda bekhamuluka, uNkulunkulu washaya oJerobowamu no -Israyeli wonke phambi kuka-Abiya noJuda.
16
Abantwana bakwa -Israyeli babaleka ebusweni bukaJuda , uNkulunkulu wabanikela esandleni sabo.
17
U-Abiya nabantu bakhe babaceka ngokuceka okukhulu ; kwawa amadoda akhethiweyo akwa-Israyeli abuleweyo ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisihlanu.
18
Bathotshiswa-ke ngaleso sikhathi abantwana bakwa -Israyeli; kepha abantwana bakwaJuda bahlula , ngokuba babencika kuJehova uNkulunkulu wawoyise.
19
U-Abiya wamxosha uJerobowamu , wamaphuca imizi : iBethele nemizana yalo, neJeshana nemizana yalo, ne-Efroni nemizana yalo.
20
Futhi uJerobowamu akabe esaba namandla emihleni ka -Abiya; uJehova wamshaya, wafa.
21
Kepha u -Abiya waba namandla , wazithathela abafazi abayishumi nane , wazala amadodana angamashumi amabili nambili namadodakazi ayishumi nesithupha.
22
Ezinye izindaba zika -Abiya, nezindlela zakhe, namazwi akhe , kulotshiwe esichasiselweni somprofethi u-Ido.