Skip to Content

2 iziKronike Chapter 15

1 UMoya kaNkulunkulu waba phezu kuka-Azariya indodana ka-Odedi; 2 waphuma ukuhlangabeza u-Asa, wathi kuye: Ngizweni, Asa, noJuda wonke, noBenjamini, uJehova unani , uma ninaye ; uma nimfuna , uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani. 3 Kwakuyizinsuku eziningi u-Israyeli engenaye uNkulunkulu oqinisileyo , namfundisi ofundisayo, namthetho; 4 kepha ekuhluphekeni kwabo baphendukela kuJehova uNkulunkulu ka - Israyeli, bamfuna; wafunyanwa yibo. 5 Ngaleso sikhathi kwakungekho kuthula kophumayo nakongenayo , ngokuba ukuphaphatheka okukhulu kwakukhona phezu kwabo bonke abakhe ezweni. 6 Isizwe saphahlazwa yisizwe nomuzi ngumuzi , ngokuba uNkulunkulu wabesabisa ngezinkathazo zonke. 7 Kepha nina yibani namandla, zingadangali izandla zenu, ngokuba umsebenzi wenu uyakuba nomvuzo wawo. 8 Lapho u -Asa esezwa lawo mazwi nesiprofetho sika -Azariya ka -Odedi umprofethi, waziqinisa isibindi , wasusa izinengiso ezweni lonke lakwaJuda noBenjamini, nasemizini ayeyithathile ezintabeni zakwa-Efrayimi, walivusa i- altare likaJehova elaliphambi kompheme kaJehova. 9 Wabutha wonke uJuda noBenjamini nabagogobele kubo bevela kwa - Efrayimi, nakwaManase, nakwaSimeyoni, ngokuba abaningi bahlubukela kuye bevela kwa-Israyeli, lapho bebona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakhe unaye. 10 Babuthana eJerusalema ngenyanga yesi thathu ngomnyaka weshumi nanhlanu wokubusa kuka-Asa. 11 Bahlabela uJehova ngalolo suku empangweni ababeyilethile , izinkabi ezingamakhulu ayisikhombisa nezimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa. 12 Bangena esivumelwaneni sokumfuna uJehova uNkulunkulu wawoy ise ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo, 13 nesokuba bonke ababengamfuni uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli babulawe, noma bebancane noma bebakhulu, owesilisa noma owesifazane. 14 Bafunga kuJehova ngezwi elikhulu , nangokukhamuluka, nangamacilongo, nangemitshingo. 15 Wonke uJuda wathokoza ngesifungo , ngokuba babefungile ngayo yonke inhliziyo yabo , bamfuna ngakho konke ukufisa kwabo ; wafunyanwa yibo ; uJehova wabaphumuza nxazonke. 16 Wamsusa uMahakha unina ka -Asa inkosi ebukhosikazini , ngokuba wayemenzele u -Ashera isithombe esinengekayo ; u-Asa wagawula isithombe sakhe, wasicolisisa, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni. 17 Kodwa izindawo eziphakemeyo azisuswanga kwa-Israyeli; nokho inhliziyo ka-Asa yayiphelele zonke izinsuku zakhe. 18 Wangenisa endlini kaNkulunkulu izinto ezingcwele zikayise nezinto zakhe ezingcwele: isiliva, negolide, nezitsha. 19 Akwabe kusaba khona ukulwa kwaze kwaba semnyakeni wamashumi amathathu nanhlanu wokubusa kuka-Asa.