2 iziKronike Chapter 18
1
UJehoshafati wayenengcebo nodumo olukhulu, wahlangana ngobuhlobo no- Ahabi.
2
Ngasekugcineni kweminyaka ethile wehlela ku -Ahabi eSamariya . U-Ahabi wamhlabela yena nabantu ababenaye izimvu nezinkabi eziningi , wamncenga ukuba akhuphukele eRamoti Gileyadi.
3
U-Ahabi inkosi yakwa -Israyeli wathi kuJehoshafati inkosi yakwaJuda : Uyakuhamba nami , siye eRamoti Gileyadi , na? Wathi kuye: Mina nginjengawe, abantu bami banjengabantu bakho; siyakuba nawe empini.
4
UJehoshafati wath i enkosini yakwa -Israyeli: Ake ubuze namuhla izwi likaJehova.
5
Inkosi yakwa -Israyeli yayisibutha abaprofethi , amadoda angamakhulu amane, yathi kubo : Sihambe siye yini eRamoti Gileyadi ukulwa, noma ngiliyeke na ? Bathi: Khuphukani, ngokuba uNkulunkulu uyakul inikela esandleni senkosi.
6
Kepha uJehoshafati wathi : Akusekho mprofethi kaJehova lapha ukuba sibuze kuye na?
7
Inkosi yakwa -Israyeli yathi kuJehoshafati : Kusekhona umuntu munye esingabuza ngaye kuJehova , kodwa ngiyamzonda , ngokuba akazange aprofethe okuhle ngami, kepha okubi njalo; nguMikhaya indodana kaJimila. Wathi uJehoshafati: Inkosi mayingasho njalo.
8
Inkosi yakwa-Israyeli yayisibiza induna , yathi: Landa masinyane uMikhaya indodana kaJimila.
9
Inkosi yakwa -Israyeli noJehoshafati inkosi yakwaJuda babehle zi, kwaba yilowo nalowo esihlalweni sakhe sobukhosi , bembethe izambatho zabo , behlezi esibuyeni ngasesikhaleni sesango laseSamariya ; bonke abaprofethi baprofetha phambi kwabo.
10
USedekiya indodana kaKhenahana wazenzela izimpondo zensimbi , wathi: Usho kanje uJehova, uthi: Ngalezi uyakuqhubukusha ama-Aramu aze aphele.
11
Bonke abaprofethi baprofetha kanje , bathi: Khuphukela eRamoti Gileyadi , ube nempumelelo, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.
12
Isithunywa ebesihambile ukumbiza uMikhaya sakhuluma kuye, sathi: Bheka, amazwi abaprofethi mahle enkosini ngamlomo munye ; ngalokho izwi lakho malibe njengelinye labo, ukhulume okuhle.
13
Kepha uMikhaya wathi : Kuphila kukaJehova , lokhu uNkulunkulu wami akushoyo, lokhu ngiyakukhuluma khona.
14
Esefikile enkosi ni, inkosi yathi kuye : Mikhaya, sihambe silwe neRamoti Gileyadi, noma ngiliyeke na ? Wathi: Khuphukani, nibe nempumelelo ; bayakunikelwa esandleni senu.
15
Yayisithi kuye inkosi : Ngiyakukufungisa izikhathi ezingaki ukuba ungakhulumi lutho kimi ngaphandle kweqiniso egameni likaJehova na?
16
Wayesethi: Ngabona wonke u -Israyeli ehlakazekile ezintabeni njengezimvu ezingenamalusi; uJehova wathi : Laba abasenankosi ; mababuyele, kube yilowo nalowo endlini yakhe ngokuthula.
17
Yayisithi inkosi yakwa-Israyeli kuJehoshafati: Angishongo yini kuwe ukuthi akayikuprofetha okuhle ngami, okubi kuphela, na?
18
UMikhaya wathi : Ngalokho yizwani izwi likaJehova : Ngambona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi , nebandla lonke lasezulwini limi ngakwesokunene nangakwesokhohlo sakhe.
19
UJehova wathi: Ngubani oyakuyenga u -Ahabi inkosi yakwa -Israyeli ukuba akhuphuke, afele eRamoti Gileyadi na ? Omunye washo ukuthi nomunye ukuthi.
20
Kwavela umoya, wema phambi kukaJehova , wathi: Mina ngiyakumyenga. UJehova wathi kuye: Ngantoni na?
21
Wathi: Ngiyakuphuma ngibe ngumoya wamanga emilonyeni yabaprofethi bakhe bonke . Wathi: U yakumyenga, futhi uyakumahlula ; hamba, wenze njalo.
22
Bheka, ngalokho uJehova ubekile umoya wamanga emilonyeni yalaba baprofethi bakho; uJehova ukhulumile okubi ngawe.
23
USedekiya indodana kaKhenahana wayesesondela , wamshaya uMikhaya esihlathini, wathi: UMoya kaJehova wasuka kimi ngaphi ukuba akhulume kuwe na?
24
Wathi uMikhaya : Bheka, uyakukubona ngalolo suku oyakungena ngalo emakamelweni ngamakamelo ukuba ucashe.
25
Inkosi y akwa-Israyeli yathi : Mthatheni uMikhaya , nimbuyisele ku -Amoni umbusi womuzi nakuJowashi indodana yenkosi,
26
nithi: Isho kanje inkosi , ithi: Fakani lona etilongweni , nimuphe isinkwa sokuhlupheka namanzi okuhlupheka, ngize ngibuye ngokuphila.
27
Wayesethi u Mikhaya: Uma ubuya impela ngokuphila, uyakube engakhulumanga ngami uJehova. Wathi futhi: Yizwani nina bantu bonke.
28
Inkosi yakwa -Israyeli noJehoshafati inkosi yakwaJuda base bekhuphukela eRamoti Gileyadi.
29
Inkosi yakwa -Israyeli yathi kuJehoshafati : Ngiyakuziguqula, ngingene ekulweni, kepha wena wembathe izambatho zakho . Yayisiziguqula inkosi yakwa-Israyeli, bangena ekulweni.
30
Kepha inkosi yase -Aramu ibiyalile izinduna zezinqola zayo ngokuthi : Ningalwi namuntu, omncane noma omkhulu, kuphela nenkosi yakwa-Israyeli yodwa.
31
Kwathi lapho izinduna zezinqola sezibonile uJehoshafati , zathi: Yena uyinkosi yakwa -Israyeli; zase ziphenduka ukuba zilwe nayo , kepha uJehoshafati wamemeza, uJehova wamsiza; uNkulunkulu wazimukisa kuye.
32
Kwathi sezibonile izinduna zezinq ola ukuthi yena akasiyo inkosi yakwa - Israyeli, zabuya ekumlandeleni.
33
Kepha umuntu othile wansala umnsalo wakhe ngokungazeleli nje , wayihlaba inkosi yakwa -Israyeli enhlanganisweni yebhantshi lensimbi ; yathi kumshayeli: Phenduka, ungikhiphe empini, ngokuba ngikhutshaziwe.
34
Ukulwa kwaqina ngalolo suku ; inkosi yakwa -Israyeli yasekelwa enqoleni yayo malungana nama -Aramu kwaze kwaba kusihlwa , yafa ngesikhathi sokushona kwelanga.