Skip to Content

2 iziKronike Chapter 31

1 Sekuphelile konke lokho , u-Israyeli wonke owayekhona wap huma waya emizini yakwaJuda, waphula izinsika, wagawula o-Ashera, wadiliza izindawo eziphakemeyo nama -altare kwaJuda wonke , nakwaBenjamini, nakwa- Efrayimi, nakwaManase, waze waqeda konke . Base bebuyel a bonke abantwana bakwa -Israyeli, kwaba yilowo nalowo ef eni lakhe , emizini yakubo. 2 UHezekiya wamisa izigaba zabapristi nezamaLevi ngezigaba zabo , kwaba yilowo nalowo njengenkonzo yakhe , abapristi namaLevi beminikelo yokushiswa neminikelo yokuthula, ukuba bakhonze , babonge, badumise emasangweni ekamu likaJehova, 3 nesabelo senkosi emfuyweni yayo ukuba sibe ngeseminikelo yokushiswa , eseminikelo yokushiswa yasekuseni neyakusihlwa , neseminikelo yokushiswa yamasabatha, neyokwethwasa kwenyanga , neyemikhosi emisiweyo njengokulotshiweyo emthethweni kaJehova. 4 Washo kubantu abakhileyo eJerusalema ukuba banike abapristi namaLevi izabelo, ukuze babambelele emthethweni kaJehova. 5 Lanele ukusakazeka nje leli zwi , abantwana bakwa -Israyeli banikela kakhulu ngolibo lwamabele , nolwewayini, nolwamafutha, nolwezinyosi, nakuzo zonke izithelo zamasimu, baletha kakhulu okweshumi kwakho konke. 6 Abantwana bakwa -Israyeli nabakwaJuda ababehlala emizini yakwaJuda baletha nabo okweshumi kwezinkabi nezimv u nokweshumi kwezinto ezingcwele ezazingcweliselwe uJehova uNkulunkulu wabo , bakubeka izinqwaba ngezinqwaba. 7 Ngenyanga yesithathu baqala ukubeka izisekelo zezinqwaba , ngenyanga yesikhombisa baziqeda. 8 Lapho uHezekiya nezikhulu beza ukuzibona izinqwaba, bambonga uJehova nabantu bakhe u-Israyeli. 9 UHezekiya wababuza abapristi namaLevi ngezinqwaba. 10 U-Azariya umpristi omkhulu wendlu kaSadoki wathi : Kusukela ekuqaleni kokulethwa kweminikelo endlini kaJehova sidlile sasutha , sashiya okuningi, ngokuba uJehova ubusisile abantu bakhe; okuseleyo yile ngcebo. 11 Wayesesho uHezekiya ukuba kulungiswe amakamelo endlini kaJehova ; bawalungisa-ke. 12 Base bengenisa iminikelo , nokweshumi, nezinto ezingcwele ngokuthembeka; uKhonaniya, umLevi, waba ngumphathi walokho; uShimeyi umfowabo waba ngowesibili. 13 OJehiyeli, no-Azaziya, noNahati, no-Asaheli, noJerimoti, noJozabadi, no- Eleyeli, noJisimakiya, noMahati, noBenaya babe ngababonisi phansi kwesandla sikaKhonaniya noShimeyi umfowabo ngesiyalezo sikaHezekiya inkosi no-Azariya umphathi wendlu kaNkulunkulu. 14 UKore, indodana kaJimna umLevi , umlindisango wasesangwe ni lasempumalanga, wayephethe iminikelo yesihle kaNkulunkulu ukuba abele iminikelo kaJehova nezinto ezingcwele. 15 Phansi kwakhe kwakungo -Edene, noMiniyamini, noJeshuwa, noShemaya, no-Amariya, noShekaniya emizini yabapristi ezikhundleni zabo ukuba babele abafowabo ngezigaba zabo abakhulu njengabancane, 16 ngaphandle kwabesilisa ababhaliweyo ngezizukulwane zabo , kusukela kwabaneminyaka emithathu kuya phezulu , bonke ababengena endlini kaJehova ngendaba yomsebenzi wabo wemihla ngemihla ngezimfanelo zabo nezigaba zabo; 17 abapristi babhalwa ngezindlu zawoyise , namaLevi abhalwa kusukela kwaneminyaka engamashumi amabil i kuya phezulu ngezimfanelo zawo nezigaba zawo. 18 Babhalwa ngezizukulwane kanye nezingane zabo , nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo, isixuku sonke, ngokuba bazingcwelisa ngobungcwele ezikhundleni zabo. 19 Namadodana ka -Aroni, abapristi ababe semasimini amadlelo emizi yabo , imizi ngemizi , ayenamadoda abizwa ngegama ukuba anike bonke abesilisa babapristi nawo onke amaLevi abhaliweyo ngezizukulwane izabelo. 20 Wenze njalo uHezekiya kwaJuda wonke ; wenza okuhle nokulungile nokuthembekile phambi kukaJehova uNkulunkulu wakhe. 21 Emisebenzini yonke ayiqalayo enkonzweni yendlu kaNkulunkulu , nasemthethweni, nasemiyalweni, ukuba afune uNkulunkulu wakhe , wakwenza ngayo yonke inhliziyo yakhe, waphumelela.