2 kaPetru Chapter 1
1
USimeyoni Petru , inceku nomphostoli kaJesu Kristu , kubo abazuzile ukukholwa okuyigugu ngokufana nokwethu ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Kristu:
2
Makwandiswe kini umusa nokuthula ngokumazi uNkulunkulu noJesu iNkosi yethu. Amakholwa mawakhuthalele umsebenzi wokukholwa
3
Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe,
4
esiphiwe ngakho izithembiso eziyigugu nezikhulukazi , ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli nesimo sobuNkulunkulu , nibalekele ukubhubha okusezweni ngezinkanuko,
5
ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni , nasebuhleni ukwazi,
6
nasekwazini ukuzithiba , nasekuzithibeni ukukhuthazela , nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu,
7
nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane , nasekuthandeni abazalwane uthando.
8
Ngokuba uma lezo zinto zikhona kini zivama , ziyanenza ningabi ngabavilaphayo nabangenazithelo ekwazini iNkosi yethu uJesu Kristu,
9
ngokuba okungekho kuye lezo zinto uyimpumputhe , ebona kalufifi , ekhohliwe ukuhlanjululwa ezonweni zakhe zokuqala.
10
Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu ; ngokuba uma nenza lokho , anisoze nakhubeka.
11
Ngokuba ngokwenze njalo niyakuphiwa ngokwengcebo ukungena embusweni waphakade weNkosi yethu noMsindisi uJesu Kristu. Ukuqiniseka kwezwi labaphostoli nelabaprofethi
12
Ngakho-ke ngiyakuba yilokhu nginikhumbuza njalo ngalezo zinto , nakuba nizazi, nime niqinile eqinisweni elikhona.
13
Ngithi kufanele , nxa ngisekhona kuleli dokodo , nginivuse ngokunikhumbuza,
14
ngazi ukuthi kuseduze ukususwa kwedokodo lami , njengalokho neNkosi yethu uJesu Kristu yangitshengisa;
15
kepha ngizakukhuthalela ukuba ngezikhathi zonke emva kokumuka kwami nisale nizikhumbule lezo zinto.
16
Ngokuba sasingalandeli izinganekwane zobu qili, lapho sanazisa amandla nokufika kweNkosi yethu uJesu Kristu , kodwa sasingababonayo amandla obukhosi bakhe.
17
Ngokuba wamukela kuNkulunkulu uYise udumo nenkazimulo , lapho kwafika kuye izwi elinje , livela enkazimulweni yobukhosi , lithi: Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo --
18
lelo zwi salizwa thina livela ezulwini, sikanye naye entabeni engcwele.
19
Sesinalo izwi lesiprofetho eliqinisekile kakhulu, enenza kahle ukuliqaphela kungathi liyisibani esikhanyayo endaweni emnyama kuze kuse , ikhwezi liphumele ezinhliziyweni zenu,
20
nazi lokhu kuqala ukuthi kasikho isiprofetho sombhalo esingachasiselwa ngumuntu ngokwakhe;
21
ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.