Skip to Content

2 kwabaseKorinte Isahluko 9

1 Ngokuba maqondana nokukhonza abangcwele akuswelekile ukuba nginilobele, 2 ngokuba ngiyalwazi uthando lwenu engizincoma ngalo ngani kwabaseMakedoniya, uma ngithi i -Akhaya lase lizilungisele kwany akenye nokuthi ukushisekela kwenu kuvusile iningi labo. 3 Kepha ngithumile abazalwane ukuba ukuzincoma kwethu ngani kungenziwa ize maqondana nalokhu, ukuze kuthi njengokusho kwami nibe senilungisele, 4 funa uma ngabe kufika kanye nami abaseMakedoniya , banifumane ningakabi nilungisele, sijabhe thina -- singasaniphathi nina -- ngaleli themba. 5 Ngalokho-ke bengithi kudingeka ukuba ngincenge abazalwane ukuba bandulele ukuza kini , balungisele ngaphambili isipho senu esathenjiswa ngaphambili, sona sihlale silungisi we, sibe njengesesibusiso , singabi njengesokuncishana. 6 Kepha nakhu : ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcos ana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu. 7 Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni , kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa , ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza. 8 Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame , ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke , nivame imisebenzi yonke emihle, 9 njengokuba kulotshiwe ukuthi : Wahlaphaza, wapha abampofu ; ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade. 10 Kepha yena onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa uyakulungisela evise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu, 11 ukuze ezintweni zonke nicetshiswe kukho ukuphana konke okuveza ngath i ukubonga uNkulunkulu. 12 Ngokuba ukukhonza ngale nkonzo akuqedi kuphela u kuswela kwabangcwele, kepha futhi kuvamisa kakhulu ukumbonga uNkulunkulu ngabaningi, 13 lokhu ngokuvivinyeka kwale nkonzo badumisa uNkulunkulu ngenxa yokulalela kokuvuma kwenu ivange li likaKristu nangenxa yobuqotho bobudlelwane benu nabo, yebo, nabo bonke, 14 banilangazelele futhi ngokunikhulekela ngenxa yomusa omkhulu kakhulu kaNkulunkulu okini. 15 Makabongwe uNkulunkulu ngenxa yesipho sakhe esingakhulumekiyo.