2 kwabaseThesalonika Chapter 2
1
Kepha siyanxusa , bazalwane, mayelana nokufika kweNkosi yethu uJesu Kristu nokubuthanela kwethu kuyo,
2
ukuba ningasheshi ninyak aziswe engqondweni yenu , ningethuswa noma ngomoya, noma ngezwi, noma ngencwadi ngokungathi ivela kithi , sengathi usuku lukaKristu selufikile.
3
Makungabikho muntu onikhohlisayo nangayiphi indlela ; ngokuba aluyikufika, kungaveli kuqala ukuhlubuka , kwambulwe umuntu ongenamthetho, indodana yokulahlwa,
4
omelana nakho konke , nozikhukhumeza phezu kwakho konke okuthiwa uNkulunkulu noma into ekhonzwayo , aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu ezishaya uNkulunkulu.
5
Anikhumbuli yini ukuthi ngisekhona kini nganitshela lokho na?
6
Senikwazi okumbambezelayo, ukuze ambulwe ngesikhathi sakhe.
7
Ngokuba imfihlakalo yokungabi namthetho isiyasebenza , kuphela ukuze kudediswe yena obambezelayo manje.
8
Lapho-ke uzakwambulwa lowo ongenamthetho , eyakumqeda iNkosi uJesu Kristu ngomoya womlomo wayo, imchithe ngokubonakala kokufika kwayo,
9
lowo okufika kwakhe kungokokusebenza kukaSathane ngawo onke amandla, nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga,
10
nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo , ngenxa yokuba bengavumanga ukuthanda iqiniso, ukuze basindiswe.
11
Ngalokho-ke uNkulunkulu ubathumela amandla okuduka , baze bakholwe ngamanga,
12
ukuba bonke abangakholwanga yiqiniso benamela ukungalungi balahlwe. Ukubonga nokunxusa kukaPawulu
13
Kepha thina simelwe ukubonga uNkulunkulu n jalo ngani bazalwane abathandwa yiNkosi , ngokuba kwasekuqaleni uNkulunkulu wanikhethela ukusindiswa ngokungcwelisa kukaMoya nangokukholwa yiqiniso
14
anibizela kukho ngevangeli lethu , nize nizuze inkazimulo yeNkosi yethu uJesu Kristu.
15
Ngalokho-ke, bazalwane, yimani niqinile , nibambelele kuwo amasiko enawafundiswa noma ngezwi noma ngencwadi yethu.
16
Kepha iNkosi yethu uJesu Kristu uqobo , noNkulunkulu uBaba wethu owasithanda nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle,
17
makaduduze izinhliziyo ze nu, aniqinise emisebenzini yonke nasemazwini onke amahle.