2 uSamuweli Chapter 1
1
Kwathi emva kokufa kukaSawule , uDavide esebuyile ekubulaleni ama - Amaleki, futhi uDavide esehlale izinsuku ezimbili eSikilagi,
2
kwathi-ke ngosuku lwesithathu , bheka, kwaphuma umuntu ekamu likaSawule, izingubo zakhe ziklebhukil e, enomhlabathi ekhanda , wawa phansi ekufikeni kwakhe kuDavide, wakhuleka.
3
UDavide wathi kuye : Uvelaphi na? Wathi kuye: Ngibalekile ekamu lakwa - Israyeli.
4
UDavide wayesethi kuye : Bekunjani na ? Ake ungitshele . Wathi: Abantu babalekile empini , nabantu abani ngi bawile , bafa; oSawule noJonathani indodana yakhe bafile nabo.
5
UDavide wathi kuleyo nsizwa eyamtshelayo : Wazi kanjani ukuthi oSawule noJonathani indodana yakhe bafile na?
6
Insizwa eyamtshelayo yathi : Ngithe ngisentabeni yaseGilibowa , bheka, uSawule wencika emkhontweni, kwamjonga kakhulu izinqola nabamahhashi.
7
Lapho ebheka emuva , wangibona, wangibiza. Ngaphendula ngokuthi : Ngilapha.
8
Wathi kimi: Wena ungubani na? Ngathi kuye: NgingumAmaleki.
9
Wathi kimi : Ake ume ngakimi , ungibulale, ngokuba ngishaywe yisiyezi, nokuphila kusekhona kimi.
10
Ngase ngima ngakuye , ngambulala, ngokuba ngakwazi ukuthi angephile esewile, ngathatha umqhele owawusekhanda lakhe , nesongo elalisengalweni yakhe, ngikulethile lapha enkosini yami.
11
UDavide wayesebamba izingubo zakhe , waziklebhula kanye nawo onke amadoda ayenaye.
12
Balila, bakhala, bazila ukudla kwaze kwahlwa ngenxa kaSawule , noJonathani indodana yakhe , nabantu bakaJehova, nendlu ka -Israyeli, ngokuba bebewile ngenkemba.
13
Wathi uDavide kuyo insizwa eyayimtshelile : Ungowaphi na ? Wathi: Ngiyindodana yomuntu ogogobele nje, umAmaleki.
14
UDavide wathi kuyo : Yini ukuba ungesabanga ukwelula isandla sakho , ubhubhise ogcotshiweyo kaJehova, na?
15
UDavide wayesebiza enye yezinsizwa, wathi: Sondela, umsukele. Yamshaya waze wafa.
16
UDavide wathi kuye: Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho , ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe , lapho uthi : Ngibulele ogcotshiweyo kaJehova. Isililo sikaDavide ngoSawule noJonathani
17
UDavide walila ngalesi sililo ngoSawule noJonathani indodana yakhe,
18
wathi mabafundiswe abantwana bakwaJuda eyoMnsalo ; bheka, silotshiwe eNcwadini Yoqotho.
19
Udumo lwakho, Israyeli, lubulewe ezindaweni eziphakemeyo. Yeka ukuwa kwamaqhawe!
20
Ningakusho eGati , ningakumemezeli ezitaladini zase -Ashikeloni, funa amadodakazi amaFilisti ajabule, namadodakazi abangasokile athokoze.
21
Nina zintaba zaseGilibowa, makungabikho mazolo namvula phezu kwenu , nokugubha kotwa , ngokuba isihlangu samaqhawe santshingwa , isihlangu sikaSawule, singagcotshwanga ngamafutha.
22
Egazini labab uleweyo nasemanonin i amaqhawe umnsalo kaJonathani awuphindelanga emuva, nenkemba kaSawule ayibuyelanga ize.
23
OSawule noJonathan i babethandeka, bemnandi; ekuphileni nasekufeni kwabo kabahlukaniswanga ; babenejubane kunezinkozi , babenamandla kunezingonyama.
24
Nina madodakazi akwa -Israyeli, mkhaleleni uSawul e owanigqokisa kamnandi ngokubomvu, owavunulisa izambatho zenu ngezivunulo zegolide.
25
Yeka ukuwa kwamaqhawe phakath i kokulwa! UJonathani ubulewe ezindaweni zakho eziphakemeyo.
26
Ngidabukile ngawe mfowe thu Jonathani; wawumnandi kakhulu kimi ; lwaluyisimangaliso kimi uthando lwakho, ludlula uthando lwabesifazane.
27
Yeka ukuwa kwamaqhawe, nokuphela kwezikhali zokulwa!