2 uSamuweli Chapter 19
1
Kwabikelwa uJowabe ukuthi: Bheka, inkosi iyakhala, imlilela u-Abisalomu.
2
Ukunqoba ngalolo suku kwaphenduka isililo kubantu bonke , ngokuba abantu bezwa kwathiwa ngalolo suku: Inkosi idabukile ngendodana yayo.
3
Abantu bangena emzini ngalolo suku ngokunyenya njengabantu abanamahloni benyenya, bebalekela impi.
4
Inkosi yamboza ubuso bayo, inkosi yakhala ngezwi elikhulu, yathi: Hhawu, ndodana yami Abisalomu, Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami!
5
UJowabe wangena endlini enkosini , wathi: Udumazile namuhla ubuso bazo zonke izinceku zakh o ezisindisile ukuphila kwakho namuhla , nokuphila kwamadodana akho namadodakazi akho , nokuphila kwabafazi bakho , nokuphila kwezancinza zakho
6
ngokubathanda abakuzondayo nangokubazonda abakuthandayo . Ngokuba umemezele namuhla ukuthi izikhulu nezinceku azilutho kuwe, lokhu ngibona namuhla ukuthi uma ebephilile u -Abisalomu thina sonke besifile namuhla , ngabe kulungile emehlweni akho.
7
Ngalokho suka , ukhulume kahle ezincekwini zakho , ngokuba ngifunga uJehova ngithi, uma ungaphumi, akuyikusala muntu kuwe ngalobu busuku; lokhu kuyakuba kubi kuwe kunakho konke okubi okukwehlele kwasebusheni bakho kuze kube namuhla.
8
Yayisisuka inkosi , yahlala esangweni . Kwathiwa kubo bonke abantu : Bhekani, inkosi ihlezi esangweni . Base befika abantu bonke phambi kwenkosi. Kepha ab akwa-Israyeli babebalekele , kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.
9
Bonke abantu babephikisana ezizweni zonke zakwa -Israyeli, bethi: Inkosi yasophula esandleni sezitha zethu , yasikhulula esandleni samaFilisti ; manje isibalekile ezweni, imbalekele u-Abisalomu.
10
U-Abisalomu esamgcoba ukuba abe phezu kwethu usefile empini . Manje nithuleleni, ningayibuyisi inkosi na? Ukubuyiswa kukaDavide
11
Inkosi uDavide yathumela kuSadoki naku -Abiyathara abapristi , yathi: Khulumani kumalunga akwaJuda , nithi: Kungani ukuba nibe ngabokugcina ukubuyisela inkosi endlini yayo , lokhu kufinyelele enkosini nasendlini yayo konke ukukhuluma kuka-Israyeli, na?
12
Ningabafowethu, niyithambo lami nenyama yami; ngalokho kungani ukuba nibe ngabokugcina ukuyibuyisa inkosi na?
13
Yishoni ku -Amasa ukuthi : Angithi uyithambo lami nenyama yami na ? Makenze njalo kimi uNkulunkulu , enezele futhi , uma ungayikuba yinduna yempi ngaphambi kwami njalo esikhundleni sikaJowabe.
14
Wathobisa izinhliziyo zabantu bonke bakwaJuda njengomuntu munye, baze bathuma enkosini, bathi: Buya wena nazo zonke izinceku zakho.
15
Yayisibuya inkosi , yafika eJordani ; uJuda wafika eGiligali ukuba ayihlangabeze inkosi, ayiwelise inkosi iJordani.
16
UShimeyi indodana kaGera umBenjamini waseBahurimi washesha wehla nabantu bakwaJuda ukuyihlangabeza inkosi.
17
Kweza naye abantu abayinkulungwane bakwaBenjamini , noSiba inceku yendlu kaSawule , namadodana akhe ayishumi nanhlanu , nezinceku zakhe ezingamashumi amabili zinaye; bawela iJordani phambi kwenkosi.
18
Kwawela isikebhe sokuwelisa abendl u yenkosi nokwenza okwakukuhle emehlweni ayo. UShimeyi indodana kaGera wawela phansi phambi kwenkosi isiyakuliwela iJordani.
19
Wathi enkosini : Inkosi yami mayingangibaleli icala , futhi ungakhumbuli okubi okwenziwa yinceku yakho mhla inkosi yami , inkosi, iphuma eJerusalema, ukuba inkosi ikubeke enhliziyweni yayo.
20
Ngokuba inceku yakho iyazi ukuthi yonile ; bheka, ngifikile namuhla ngingowokuqala wendlu yonke kaJosefa , ngehle ukuhlangabeza inkosi yami , inkosi.
21
Kepha u -Abishayi indodana kaSeruya waphendula wathi: UShimeyi akayikubulawa yini ngalokho , njengokuba wathuka ogcotshiweyo kaJehova , na?
22
UDavide wathi : Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya ukuba nimelane nami namuhla na ? Kuzakubulawa umuntu namuhla kwa -Israyeli na? Angazi yini mina ukuthi namuhla ngiyinkosi phezu kuka-Israyeli na?
23
Inkosi yayisithi kuShimeyi: Awuyikufa. Inkosi yafunga kuye. Ukuziphendulela kukaMefibosheti
24
Naye uMefibosheti indodana kaSawule wehla ukuhlangabeza inkosi ; wayengalungisanga izinyawo zakhe , engalungisanga nesil evu sakhe , engahlanzanga futhi izingubo zakhe , kwasukela osukwini inkosi eyamuka ngalo kwaze kwaba lusuku owabuya ngalo ngokuthula.
25
Kwathi esefike eJerusalema ukuyihlangabeza inkosi , inkosi yathi kuye : Awuhambanga ngani nami, Mefibosheti, na?
26
Wathi: Nkosi yami , nkosi, inceku yami yangikhohlisa , ngokuba inceku yakho yathi : Ngiyakuzibophelela imbongolo ukuba ngiyikhwele , ngihambe nenkosi, ngokuba inceku yakho ilunyonga.
27
Ihlebile inceku yakho enkosini yami , inkosi, kepha inkosi yami , inkosi, injengengelosi kaNkulunkulu; ngalokho yenza okuhle emehlweni akho.
28
Ngokuba yonke indlu kababa yayinjengabantu abafileyo phambi kwenkosi yami, inkosi; kepha wayibeka inceku yakho phakathi kwabadla etafuleni lakho. Ngisenalungelo lini ukuba ngibuye ngikhale enkosini na?
29
Inkosi yathi kuye : Usakhulumelani ngezindaba zakho na ? Ngithi: Wena noSiba, yahlukaniselani izwe.
30
Wayesethi uMefibosheti enkosini : Makathathe konke , njengokuba inkosi yami, inkosi, isibuyele endlini yayo ngokuthula. UBarizilayi
31
UBarizilayi wak waGileyadi wehla eRogelimi ; wawela iJordani kanye nenkosi ukuyiwelisa iJordani.
32
UBarizilayi wayengumuntu omdala kakhulu , eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; wayekade eyipha inkosi ukudla isahlezi eMahanayimi , ngokuba wayengumuntu omkhulu kakhulu.
33
Inkosi yathi kuBarizilayi: Wela nami wena , ngikondle kanye nami eJerusalema.
34
Wayesethi uBarizilayi enkosini : Zingaki izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami ukuba ngenyukele eJerusalema nenkosi na?
35
Namuhla ngineminyaka engamashumi ayisihiyagalombili ; ngingahlukanisa okuhle nokubi yini ? Inceku yakho ingezwa ekudlayo nekuphuzayo na ? Ngingabe ngisalizwa izwi lamadoda ahlabelelayo nabesifazane abahlabelelayo na ? Inceku yakho isezakuba ngumthwalo wenkosi yami , inkosi, ngani na?
36
Inceku yakho iyakusimze iwele nje iJordani nenkosi ; pho, inkosi iyakungivuzelani ngomvuzo ongaka na?
37
Mayibuyele emuva inceku yakho ukuba ngifele emzini wami ngasethuneni likababa nelikamame . Kepha bheka , inceku yakho uKimihamu mayiwele nenkosi yami, inkosi, wenze kuyo okuhle emehlweni akho.
38
Inkosi yathi : UKimihamu angawela nami , mina ngenze kuye okuhle emehlweni akho; konke okufunayo kimi ngiyakukwenzela khona.
39
Bonke abantu bawela iJordani, nenkosi yawela; inkosi yamanga uBarizilayi, yambusisa; wabuyela endaweni yakhe. Ukuphikisana kuka-Israyeli noJuda
40
Yayisiwela inkosi, yaya eGiligali, noKimihamu wawela nayo; bonke abantu bakwaJuda bayiwelisa inkosi kanye nenxenye yabantu bakwa-Israyeli.
41
Bheka, base befika bonke abantu bakwa-Israyeli enkosini, bathi enkosini: Abafowethu amadoda akwaJuda bakwebeleni, bawelisa inkosi nabendlu yayo iJordani kanye nabo bonke abantu bakwaDavide benaye, na?
42
Bonke abantu bakwaJuda baphendula abantu bakwa -Israyeli, bathi: Ngokuba inkosi iyisih lobo sethu impela ; kungani ukuba nithukuthele ngale nto na? Sike sadla ntoni engeyenkosi na? Isixoshisile ngamaxosho na?
43
Abantu bakwa-Israyeli baphendula abantu bakwaJuda, bathi: Sinezinxenye eziyishumi kunani enkosini , yebo, nakuDavide; nisideleleni na ? Izwi lethu lokubuyisa inkosi lalingesilo elokuqala na? Kepha amazwi abantu bakwaJuda ayelukhuni kunamazwi abantu bakwa-Israyeli.