2 uSamuweli Chapter 24
1
Intukuthelo kaJehova yabuye yavuthela u-Israyeli, wamvusa uDavide ngabo ngokuthi: Hamba ubale u-Israyeli noJuda.
2
Inkosi yathi kuJowabe induna yempi eyayinaye: Hamba ezizweni zonke zakwa-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba , nibale abantu ukuba ngiwazi umumo wabantu.
3
Wayesethi uJowabe enkosini : UJehova uNkulunkulu wakho makenezele kubantu kuphindwe kayikhulu phezu kwalokhu abayikho , kubonwe ngamehlo enkosi yami, inkosi; kepha inkosi yami, inkosi, yenamelelani le nto na?
4
Nokho izwi lenkosi lamahlula uJowabe nezinduna zempi . UJowabe nezinduna zempi baphuma ebusweni benkosi ukuba babale abantu bakwa - Israyeli.
5
Bawela iJordani , bamisa e -Aroweri ngakwe sokunene komuzi ophakathi nesigodi sakwaGadi ngaseJazeri;
6
base befika kwaGileyadi nasezweni laseTahetimi Hodishi ; bafika naseDani Jahani nangaseSidoni,
7
bafika enqabeni yaseTire , nasemizini yonke yamaHivi namaKhanani ; baphuma baya nangaseningizimu kwaJuda eBeri Sheba.
8
Sebedabule izwe lonke bafika eJerusalema ngasekupheleni kwezinyanga eziyisishiyagalolunye nezinsuku ezingamashumi amabili.
9
UJowabe wayesenika inkosi umumo wabantu ababaliweyo ; kwaba khona kwa-Israyeli amadoda anamandla ayizinkulungwane ezi ngamakhulu ayisishiyagalombili ahloma inkemba ; amadoda akwaJuda ayeyizinkulungwane ezingamakhulu ayisihlanu. Isifo
10
UDavide wahlabeka enhliziyweni emva kokuba esebabalile abantu . UDavide wathi kuJehova : Ngonile kakhulu ngalokho engikwenzileyo ; kepha manje, Jehova, mawuthethelele ububi benceku yakho, ngokuba ngintumazele kakhulu.
11
Wathi ukuba uDavide avuke ekuseni, kwafika izwi likaJehova kumprofethi uGadi umboni kaDavide lokuthi:
12
Hamba ukhulume kuDavide ngokuthi : U Jehova usho kanje , uthi: Ngiyakubekela izinto ezintathu; khetha enye kuzo ukuba ngikwenzele yona.
13
UGadi wayesefika kuDavide , wamtshela, wathi kuye : Kufike kuwe yini iminyaka eyisikhombisa yendlala ezweni lakini, noma ubalekele izitha zakho izinyanga ezintathu zisakuxosha, noma kube khona izinsuku ezintathu zesifo ezweni lakini na ? Manje cabanga , ubone ukuthi yiliphi izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.
14
Wayesethi uDavide kuGadi : Nginosizi kakhulu ; masiwele esandleni sikaJehova, ngokuba umusa wakhe mkhulu ; kepha esandleni somuntu mangingaweli kuso.
15
UJehova wayesethuma isifo phezu kuka -Israyeli kusukela ekuseni kuze kube sesikhathini esinqunyiweyo ; kwafa abantu abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba.
16
Lapho ingelosi yelula isandla sayo kulo iJerusalema ukulichitha , uJehova wazisola ngalobo bubi, wathi engelosini eyachitha abantu: Sekwanele; buyisa isandla sakho. Ingelosi kaJehova yayisesibuyeni sika-Arawuna umJebusi.
17
UDavide wathi kuJehova , lapho eyibona ingelosi eyayibabulala abantu : Bheka, mina ngonile, ngenzile okubi; kepha lezi zimvu zenzeni na ? Isandla sakho masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa. I-altare elisesibuyeni sika-Arawuna
18
UGadi wafika ngalolo suku kuDavide , wathi kuye : Yenyuka, ummisele uJehova i-altare esibuyeni sika-Arawuna umJebusi.
19
UDavide wenyuka njengokusho kukaGadi nanjengokuyala kukaJehova.
20
U-Arawuna walunguza , wabona inkosi nezinceku zayo beza kuye ; u- Arawuna waphuma , wakhothama phambi kwenkosi , ubuso bakhe bubheke phansi.
21
Wathi u -Arawuna: Kungani uku ba inkosi yami , inkosi, ifikile encekwini yayo na ? UDavide wathi : Ukuba ngithenge kuwe isibuya , ngimakhele uJehova i-altare, ukuze lesi sifo sinqamuke kubantu.
22
Wayesethi u -Arawuna kuDavide : Inkosi yami , inkosi, mayithathe, inikele ngokuhle emehlweni ayo ; bheka, nazi izinkabi zomnikelo wokushiswa , nezibhulo, nezinto zokubophela izinkabi zibe yizinkuni;
23
konke, nkosi, u-Arawuna uyakunika inkosi. U-Arawuna wayesethi enkosini: UJehova uNkulunkulu wakho makakwamukele.
24
Inkosi yathi ku -Arawuna: Qha, ngiyakukuthenga nokukuthenga ngenani elithile; angiyikunikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova uNkulunkulu wami engeyesihle . UDavide wayesethenga isibuya nezinkabi ngamashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva.
25
UDavide wamakhela khona uJehova i -altare, wanikela nge minikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula . UJehova wancengwa ngenxa yezwe , isifo sanqamuka kwa-Israyeli.