Skip to Content

2 uSamuweli Isahluko 3

1 Kwakukhona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide; uDavide waqhubeka ngokuqina njalo , kepha indlu kaSawule yaqhubeka ngokuncipha njalo. Amadodana kaDavide 2 Kwazalelwa uDavide amadodana eHebroni ; izibulo lakhe laba ngu -Amnoni ku-Ahinohama waseJizreyeli; 3 eyesibili yaba nguKileyabi ku -Abigayili umkaNabali waseKarmeli ; eyesithathu yayingu -Abisalomu indodana kaMahakha indodakazi kaTalimyi inkosi yaseGeshuri; 4 eyesine yayingu -Adoniya indodana kaHagiti ; eyesihlanu yayinguShefathiya indodana ka-Abithali; 5 eyesithupha yayingu -Itereyamu ku -Egila umkaDavide . Lawo azalelwa uDavide eHebroni. Ukuvumelana kukaDavide no-Abineri. U-Abineri ubulawa nguJowabe 6 Kwathi kusekhona ukulwa phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide , u- Abineri wamela indlu kaSawule ngamandla. 7 Kepha uSawule wayenesancinza esigama laso lalinguRispa indodakazi ka - Aya. U-Ishi Bosheti wayesethi ku-Abineri: Ungeneleni kuso isancinza sikababa na? 8 U-Abineri wathukuthela kakhulu ngenxa yalawo mazwi ka -Ishi Bosheti , wathi: Ngiyikhanda lenja engeyakwaJuda na ? Namuhla ngiyayenzela indlu kaSawule uyihlo umusa , abafowabo nabangane bayo , angikunikelanga esandleni sikaDavide; nokho ungibeka icala namuhla ngalowo wesifazane. 9 UNkulunkulu makenze njalo ku -Abineri, enezele futhi , uma ngingenzi kuDavide njengalokho uJehova efungile kuye, 10 kudluliswe umbuso endlini kaSawule , kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda , kusukela kwa Dani kuze kufike eBeri Sheba. 11 Wayengenakumphendula u-Abineri ngezwi futhi, ngokuba wayemesaba. 12 U-Abineri wayesethuma izithunywa kuDavide esikhundleni sakhe ngokuthi: Ngelikabani izwe na ? ethi futhi : Yenza isivumelwano nami ; bheka, isandla sami siyakuba nawe ukubuyisela kuwe wonke u-Israyeli. 13 Wathi: Kuhle; ngiyakwenza isivumelwano nawe , kepha yinto inye engiyifuna kuwe , ngeyokuthi awuyikubona ubuso bami , uma ungalethi kuqala phambi kwami uMikhali indodakazi kaSawule, lapho uzayo ukubona ubuso bami. 14 UDavide wayesethuma izithunywa ku -Ishi Bosheti indodana kaSawule , ethi: Nginike umkami uMikhali engammiselwa ngamajwabu ayikhulu amaFilisti. 15 Wayesethumela u -Ishi Bosheti , wamthatha endodeni yakhe uPalitiyeli indodana kaLayishi. 16 Indoda yakhe yahamba na ye, ikhala isahamba, yamlandela kwaze kwaba seBahurimi. U-Abineri wayesethi kuyo: Buya. Yabuya-ke. 17 U-Abineri waba nezwi namalunga akwa -Israyeli, ethi: Ngezikhathi ezidlulileyo nafuna uDavide abe yinkosi phezu kwenu; 18 kwenzeni lokho manje , ngokuba uJehov a ukhulumile ngoDavide ukuthi : Ngesandla senceku yami uDavide ngiyakusindisa abantu bami u -Israyeli esandleni samaFilisti nasesandleni sazo zonke izitha zabo. 19 U-Abineri wakhuluma futhi ezindlebeni zakwaBenjamini ; u-Abineri waya futhi ukukhuluma ezindle beni zikaDavide eHebroni konke okwakukuhle ku - Israyeli nakuyo yonke indlu yakwaBenjamini. 20 Wayesefika u-Abineri kuDavide eHebroni nabantu abangamashumi amabili bekanye naye. UDavide wamenzela u-Abineri nabantu ababe naye idili. 21 U-Abineri wayesethi kuDavide: Ngiyakusuka ngihambe ngiqoqele wonke u - Israyeli enkosini yami, inkosi, ukuba benze isivumelwano nawe nokuba ubuse phezu kwakho konke ekufisayo inhliziyo yakho . UDavide wammukisa u - Abineri, wahamba ngokuthula. 22 Bheka, izinceku zikaDavide nezikaJowabe zabuya eviyweni , zaletha impango enkulu; kepha u-Abineri wayengekho kuDavide eHebroni , ngokuba wayemmukisile, wahamba ngokuthula. 23 Esefikile uJowabe nempi yonke eyayinaye , bamtshela uJowabe ukuthi : U- Abineri indodana kaNeri wafika enkosini; immukisile, wahamba ngokuthula. 24 UJowabe wayeseya enkosini , wathi: Wenzeni na? Bheka, u-Abineri wafika kuwe; ummukiseleni wahamba nokuhamba na? 25 Uyamazi u-Abineri indodana kaNeri ukuthi wafika ukukukhohlisa nokwazi ukuphuma kwakho nokungena kwakho, nokwazi konke okwenzayo. 26 UJowabe esephumile kuDavide wathuma izithunywa ukulandela u -Abineri, zambuyisa emthonjeni waseSira, kepha uDavide wayengakwazi lokho. 27 U-Abineri esebuyele eHebroni , uJowabe wamchezukisela phakathi kwesango ukuba akhulume naye bebodwa , wamgwaza lapho esiswini waze wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo. 28 Esekuzwa lokho ngasemuva uDavide wathi: Mina nombuso wami asinacala phambi kukaJehova kuze kube phakade ngegazi lika -Abineri indodana kaNeri; 29 maliwele ekhanda likaJowabe nakuyo yonke indlu ka yise. Makungaphuthi endlini kaJowabe ukuba kube khona ocucuzayo , nonochoko, nozimelelayo ngodondolo, nowayo ngenkemba, noswele isinkwa. 30 OJowabe no -Abishayi umfowabo base bembulele u -Abineri, ngokuba wayebulele umfowabo u-Asaheli eGibeyoni empini. 31 UDavide wathi kuJowabe nakubantu bonke ababe naye : Klebhulani izingubo zenu , nibhince indwangu yamasaka , nilile phambi kuka -Abineri. Inkosi uDavide yalandela uhlaka. 32 Bammbela u -Abineri eHebroni ; inkosi yadazuluka , yakhala ngasethuneni lika-Abineri; nabantu bonke bakhala. 33 Inkosi yamlilela u-Abineri, yathi: Afe u-Abineri njengokufa kwesiwula na? 34 Izandla zakho zazingaboshiwe , nezinyawo zakho zazingafakwanga emaketangeni; wawa njengomuntu owayo phambi kwabantu ababi . Bonke abantu baphinda bemkhalela. 35 Bonke a bantu bafika ukuba bamdlise uDavide isinkwa kusesemini ; kepha uDavide wafunga wathi : Makenze njalo kimi uNkulunkulu , enezele futhi , uma ngidla isinkwa noma okunye lingakashoni ilanga. 36 Bonke abantu bakubona , kwaba kuhle emehlweni abo , njengalokho konke eyakwenza inkosi kwaba kuhle emehlweni abantu bonke. 37 Base beqonda bonke abantu naye wonke u -Israyeli ngalolo suku ukuthi kwakungesikho okwenkosi ukubulala u-Abineri indodana kaNeri. 38 Inkosi yathi ezincekwini zayo : Anazi yini ukuthi kufile umbusi nomuntu omkhulu kwa-Israyeli namuhla na? 39 Nami ngibuthakathaka namuhla noma ngigcotshiwe ngibe yinkosi ; laba bantu, amadodana kaSeruya , balukhuni kunami ; uJehova makaphindisele owenza okubi njengobubi bakhe.