Skip to Content

AbAhluleli Isahluko 17

1 Kwakukhona umuntu wasezintabeni zak wa-Efrayimi ogama lakhe lalinguMika. 2 Yena wathi kunina : Lezo zinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva ezathathwa kuwe, owaziqalekisa, wakhuluma ngazo ezindlebeni zami, bheka, leyo mali ikimi; ngayithatha. Unina wathi: Mayibusiswe nguJehova indodana yami. 3 Wabuyisela kunina lezo zinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva ; unina wathi: Ngiyangcwelisa impela leli siliva kuJehova esandleni sami , libe ngelendodana yami ukuba kwenziwe isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo ; manje ngiyakulibuyisela kuwe. 4 Kepha walibuyisela isiliva kunina , unina wathatha izinhlamvu ezingamakhulu amabili zesiliva , wazinika umkhandi wesiliva owenza ngazo isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo; zase zihlala endlini kaMika. 5 Lowo muntu uMika wayenendlu enawonkulunkulu , wenza ingubo yamahlombe namatherafi , wahlukanisela enye indodana yakhe ibe ngumpristi wakhe. 6 Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa -Israyeli; yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe. 7 Kwakukhona insizwa yaseBetlehema Juda yomndeni wakwaJuda eyayingumLevi; yayigogobele khona. 8 Lowo muntu wamuka emzini, iBetlehema Juda, ukuyobona lapho engathola khona indawo ; ekuhambeni kwakhe wafika ezintabeni zakwa -Efrayimi endlini kaMika. 9 UMika wathi kuye : Uvelaphi na? Wathi kuye: NgingumLevi waseBetlehema Juda; ngiyahamba ukubona lapho ngingathola khona indawo. 10 UMika wayesethi kuye : Hlala kimi , ube ngubaba nompristi wami , ngiyakukunika izinhlamvu eziyishumi zesiliva ngomnyaka , nesambatho, nokudla kwakho. UmLevi wangena. 11 UmLevi wavuma ukuhlala kulowo muntu ; nensizwa yaba kuye njengendodana yakhe. 12 UMika wayesahlukanisela umLevi , leyo nsizwa yaba ngumpristi wakhe , yahlala endlini kaMika. 13 Wayesethi uMika: Manje sengiyazi ukuthi uJehova uyakungenzela okuhle , lokhu nginomLevi ongumpristi wami.