AbAhluleli Isahluko 6
1
Kepha abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni sakwaMidiyani iminyaka eyisikhombisa.
2
Isandla sakwaMidiyani samahlula u -Israyeli; ngenxa yakwaMidiyani abantwana bakwa -Israyeli bazenzela imihume yasezintabeni , nemigede, nezinqaba.
3
Kwathi nxa abakwa -Israyeli sebelimile , abakwaMidiyani benyuka nama - Amaleki nabasempumalanga, bakhuphukela kubo,
4
bamisa mayelana nabo , bachitha izithelo zomhlaba kwaze kwaba seGaza , abashiyanga kudla kwa-Israyeli, nazimvu, nazinkomo, nazimbongolo.
5
Ngokuba benyuka nezinkomo zabo namatende abo, bafika njengesikhonyane ngobuningi; babengenakubalwa bona namakamela abo; bafika ezweni ukuba baliqede.
6
Abakwa-Israyeli baphela amandla ngenxa yakwaMidiyani; base bekhala abantwana bakwa-Israyeli kuJehova.
7
Kwathi lapho abantwana bakwa -Israyeli besakhala kuJehova ngenxa yakwaMidiyani,
8
uJehova wathuma umprofethi kubantwana bakwa-Israyeli, wathi kubo: Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngakukhuphula eGibithe , ngakukhipha endlini yobugqila,
9
nganophula esandleni sabaseGibithe nasesandleni sabo bonke abanicindezelayo, ngabaxosha phambi kwenu, nganinika izwe labo,
10
ngathi kini: NginguJehova uNkulunkulu wenu; aniyikwesaba onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo, kepha kanilalelanga izwi lami.
11
Kwafika ingelosi kaJehova , yahlala phansi kwe -oki lase -Ofira likaJowashi umAbiyezeri; indodana yakhe uGideyoni yayibhula ukolweni esikhamweni sewayini ukuba amthukusele abakwaMidiyani.
12
Ingelosi kaJehova yabonakala kuye , yathi kuye : UJehova unawe wena qhawe elinamandla.
13
UGideyoni wathi kuyo : O nkosi yami , uma uJehova enathi , konke lokhu kusehlele ngani na? Ziphi izimangaliso zakhe abasitshela ngazo obaba, bathi: UJehova akasikhuphulanga eGibithe na ? Kepha manje uJehova u silahlile, wasinikela esandleni sakwaMidiyani.
14
UJehova wambheka , wathi: Hamba ngalawa mandla akho , umsindise u - Israyeli esandleni sakwaMidiyani; angikuthumanga na?
15
Wathi kuye : O Nkosi, ngiyakumsindisa u -Israyeli ngantoni na ? Bheka, umndeni wami umpofu kwaManase, mina ngingomncinyane endlini kababa.
16
UJehova wathi kuye : Impela ngiyakuba nawe ; uyakubabulala abakwaMidiyani kungathi bangumuntu munye.
17
Wathi kuye : Uma ngifumene umusa emehlweni akho , unginike isibonakaliso ukuthi nguwe okhuluma nami.
18
Ake ungamuki lapha, ngize ngibuyele kuwe, ngilethe isipho sami, ngisibeke phambi kwakho. Wayesethi: Ngiyakuhlala uze ubuye.
19
UGideyoni wangena , walungisa izinyane lembuzi namaqebelengwane angenamvubelo e -efa lempuphu ; wayibeka inyama eqomeni , wawuthela umhluzi ekhanzini, wakukhiphela kuye phansi kwe-oki, wakunikela.
20
Ingelosi kaNkulunkulu yathi kuye : Thatha inyama namaqebelengwane angenamvubelo, ukubeke edwaleni leli, uwuthulule umhluzi. Wenze njalo.
21
Ingelosi kaJehova yase yelula isihloko sentonga esesan dleni sayo, yathinta inyama namaqebelengwane angenamvubelo ; kwenyuka umlilo edwaleni , wadla waqeda inyama namaqebelengwane angenamvubelo ; ingelosi kaJehova yayisimuka emehlweni akhe.
22
Wayesebona uGideyoni ukuthi iyingelosi kaJehova ; uGideyoni wathi : Maye, Nkosi Nkulunkulu ! Ngokuba ngibonile ingelosi kaJehova ubuso nobuso.
23
UJehova wathi kuye: Ukuthula makube kuwe; ungesabi, awuyikufa.
24
UGideyoni wamakhela uJehova i -altare khona , waliqamba igama lokuthi iJehova Shalomi; kuze kube namuhla lisekhona e-Ofira lama-Abiyezeri.
25
Kwathi ngalobo busuku uJehova wathi kuye: Thatha iduna likayihlo nenye inkunzi eneminyaka eyisikhombisa , ubhidlize i -altare likaBali uyihlo analo , ugawule u-Ashera ongakulo,
26
umakhele uJehova uNkulunkulu wakho i -altare esiqongweni sal e nqaba ngokuhlelekileyo, uyithathe inkunzi yesibili, unikele ngomnikelo wokushiswa ngezinkuni zika-Ashera ozakumgawula.
27
UGideyoni wayesethatha amadoda ayishumi ezincekwini zakhe , wenza njengalokho uJehova ekhulumile kuye; kwathi lokhu ebesaba abendlu kayise nabantu bomuzi ukuba angakwenzi emini, wakwenza ebusuku.
28
Lapho abantu bomuzi bevuka ekuseni kakhulu , bheka, i-altare likaBali lase libhidliziwe, no-Ashera owayengakulo wayegawuliwe , nenkunzi yesibili yayinikelwe phezu kwe-altare elalakhiwe.
29
Bakhuluma omunye komunye , bathi: Kwenziwe ngubani lokhu na ? Lapho becinga bebuza, bathi: NguGideyoni indodana kaJowashi owenze lokhu.
30
Base bethi abantu bomuzi kuJowashi : Khipha indodana yakho ukuba ife , ngokuba ilibhidlizile i -altare likaBali nangokuba imgawul ile u -Ashera owayengakulo.
31
UJowashi wathi kubo bonke ababemi ngakuye : Niyakumlwela uBali , nimsindise yena, na? Oyakumlwela uBali, makabulawe kusasa ekuseni ; uma engunkulunkulu, makazilwele yena , lokhu kukhona olibhidlizile i -altare lakhe.
32
Ngalokho ngalolo suku wambiza ngokuthi uJerubali , ethi: UBali makalwe naye ngokuba elibhidlizile i-altare lakhe. Ukuqala kokukhululwa kwabakwa-Israyeli nguGideyoni
33
Kwabuthana bonke abakwaMidiyani , nama-Amaleki, nabasempumalanga, bawela, bamisa esiGodini saseJizreyeli.
34
Kepha uMoya kaJehova wammboza uGideyoni , wabetha icilongo , kwabuthana ama-Abiyezeri, amlandela.
35
Wathuma izithunywa kulo lonke lakwaManase , nabo babuthana , bamlandela; wathuma izithunywa ku -Asheri, nakuZebuloni, nakuNafetali, bakhuphuka ukuba babahlangabeze.
36
UGideyoni wathi kuNkulunkulu : Uma uzakusindisa u-Israyeli ngesandla sami, njengalokho ukhulumile,
37
bheka, ngiyakubeka uboya obugundiweyo esibuyeni; uma kukhona amazolo eboyeni bodwa komile emhlabathini wonke , ngiyakwazi ukuthi uzakusindisa u-Israyeli ngesandla sami, njengalokho ukhulumile.
38
Kwaba njalo, ngokuba wavuka ekuseni ngangomuso, wabucindezela uboya, wakhama amazolo eboyeni, kwagcwala isitsha amanzi.
39
UGideyoni wathi kuNkulunkulu : Intukuthelo yakho mayingangivutheli , ngizakukhuluma kanye kuphela : Ake ngilinge kanye kuphela ngoboya; makube komile eboyeni bodwa, kube khona amazolo emhlabathini wonke.
40
Wenze njalo uNkulunkulu ngalobo busuku , ngokuba kwakomile eboyeni bodwa, kepha emhlabathini wonke kwakukhona amazolo.