Skip to Content

AmaHubo Chapter 104

1 Mbonge uJehova, mphefumulo wami; Jehova Nkulunkulu wami , umkhulu, wembethe udumo nobukhosi; 2 ogqoka ukukhanya njengengubo, oweneka izulu njengendwangu; 3 obeka imishayo yezindlu zakhe emanzini, owenza amafu abe yinqola yakhe, ohamba ngamaphiko omoya; 4 owenza izingelosi zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe yilangabi lomlilo. 5 Umisile umhlaba phezu kwezisekelo zawo , ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube phakade naphakade. 6 Wawumboza ngolwandle njengengubo; amanzi ema phezu kwezintaba. 7 Ngokukhuza kwakho abaleka, ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka. 8 Enyuka izintaba, ehla izigodi, aze afika endaweni owawuyimisele wona. 9 Umisile umncele ukuba angaweqi, angabuyi ukusibekela umhlaba. 10 Uthumela imithombo ezigodini; yona igijima phakathi kwezintaba. 11 Iyaphuzisa izilwane zonke zasendle , izimbongolo zasendle zicime ukoma kwazo. 12 Izinyoni zezulu zakhile ngakuyo , zizwakalisa izwi lazo phakathi kwamagatsha. 13 Uphuzisa izintaba okuvela emakamelweni akhe ; umhlaba uyaneliswa yisithelo semisebenzi yakho. 14 Uhlumisela izinkomo utshan i nemifino yokusiza umuntu , ukuze aveze ukudla emhlabeni, 15 newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu , namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu. 16 Iyasutha imithi kaJehova, imisedari yaseLebanoni ayitshalileyo, 17 okwakhele kuyo izinyoni; ugolantethe unendlu yakhe kuyo imisayipuresi. 18 Izintaba eziphakemeyo ngezezimbuzi zasendle ; amawa ayisiphephelo sezimbila. 19 Wenza inyanga ibe ngeyokwahlukanisa izikhathi ; ilanga liyazi ukushona kwalo. 20 Wenza ubumnyama kube ngubusuku; phakathi kwabo kuphuma izilo zonke zasehlathini. 21 Izingonyama ezintsha zibhongela impango , zifuna ukudla kwazo kuNkulunkulu. 22 Liphuma ilanga, bese zibuyela phansi zilale emihumeni yazo. 23 Bese kuphuma umuntu, aye emsebenzini wakhe nasekukhandlekeni kwakhe kuze kuhlwe. 24 Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho ; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho. 25 Nantu ulwandle , lukhulu, lubanzi; lapho kukhona izilwanyana ezinwabuzelayo ezingenakubalwa, izilwane ezincane nezinkulu. 26 Kuhamba khona imikhumbi , uLeviyathani lowo omenzile ukuba adlale kulo. 27 Zonke lezi zidalwa zibheka wena, ukuze uzinike ukudla kwazo ngesikhathi esiyiso. 28 Uyazinika ukudla, zibuthe; uvula isandla sakho, zisuthe ngokuhle. 29 Uyasitheza ubuso bakho , zethuke; uyasusa umphefumulo wazo , zife, zibuyele othulini lwazo. 30 Uyathumela umoya wakho, zidalwe; wenza bube busha ubuso bomhlaba. 31 Inkazimulo kaJehova mayime kuze kube phakade ; uJehova kathokoze ngemisebenzi yakhe, 32 yena obheka umhlaba, besewuthuthumela, othinta izintaba, zithunqe. 33 Ngiyakumhubela uJehova kukho konke ukuphila kwami ; ngiyakuhlabelela kuNkulunkulu wami ngisekhona. 34 Ukuzindla kwami makube mnandi kuye; mina mangithokoze kuJehova. 35 Izoni maziphele emhlabeni, kungabe kusaba khona ababi. Mbonge uJehova, mphefumulo wami. Haleluya!