AmaHubo Chapter 11
1
Ngiyaphephela kuJehova; nisho kanjani kuwo umphefumulo wami ukuthi : Balekela entabeni yenu njengenyoni, na?
2
Ngokuba bhekani , ababi bawunsala umnsalo wabo , babeka imicibisholo yabo entanjeni ukuba bacibishele ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo.
3
Nxa izisekelo zidilizwa, olungileyo angenzani na?
4
UJehova usethempelini lakhe elingcwele, uJehova, isihlalo sakhe sobukhosi sisezulwini; amehlo akhe ayabuka , izinkophe zakhe ziyahlola abantwana babantu.
5
UJehova uyamhlola olungileyo ; kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu umphefumulo wakhe uyamzonda.
6
Unisa izihibe phezu kwababi ; umlilo nesibabule nomoya oshisay o kuyisabelo sendebe yabo.
7
Ngokuba uJehova ulungile, uyathanda ukulunga; oqotho uyakubheka ubuso bakhe.