AmaHubo Chapter 118
1
Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2
Makathi u-Israyeli: Yebo, umusa wakhe umi phakade.
3
Mayithi indlu ka-Aroni: Yebo, umusa wakhe umi phakade.
4
Mabathi abamesabayo uJehova: Yebo, umusa wakhe umi phakade.
5
Engcingweni yami ngakh uleka kuJehova , uJehova wangiphendula endaweni ebanzi.
6
UJehova ungakimi, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?
7
UJehova ungakimi ekanye nabangisizayo; ngalokho ngiyakubabuka bephansi abangizondayo.
8
Kuhle ukuphephela kuJehova kunokwethemba umuntu.
9
Kuhle ukuphephela kuJehova kunokwethemba izikhulu.
10
Bonke abezizwe bayangizungeza; egameni likaJehova ngiyakubachitha.
11
Bayangikaka, yebo, bayangizungeza; egameni likaJehova ngiyakubachitha.
12
Bayangibunganyela njengezinyosi, bacimeka njengomlilo wameva; egameni likaJehova ngiyakubachitha.
13
Bayangihlohloloza ukuba ngiwe, kepha uJehova uyangisiza.
14
UJehova ungamandla ami nesihlabelelo sami, waba yinsindiso yami.
15
Izwi lokwethaba nelokusindiswa lisezindlini zabalungileyo ; esokunene sikaJehova senza okwamandla.
16
Esokunene sikaJehova siphakeme , esokunene sikaJehova sisebenza ngamandla.
17
Angiyikufa, kepha ngiyakuphila, ngishumayele imisebenzi kaJehova.
18
UJehova wangilaya nokungilaya, kodwa akanginikelanga ekufeni.
19
Ngivuleleni amasango okulunga, ngingene ngawo, ngimdumise uJehova.
20
Yileli isango likaJehova; olungileyo uyakungena ngalo.
21
Ngiyakukudumisa, ngokuba ungizwile, waba yinsindiso yami.
22
Itshe abalinqabayo abakhi selaba yinhloko yegumbi.
23
Lona lavela kuJehova; liyisimangaliso emehlweni ethu.
24
Yilolu usuku alwenzileyo uJehova; siyakwethaba, sithokoze ngalo.
25
Sindisa, Jehova! ngiyakuncenga; hlahlamelisa, Jehova! ngiyakucela.
26
Makabusiswe ozayo egameni likaJehova; siyanibusisa sisendlini kaJehova.
27
UJehova unguNkulunkulu, usikhanyisele; hlobisani umkhosi ngamahlamvu kuze kube sezimpondweni ze-altare.
28
Wena unguNkulunkulu wami , ngiyakukubonga; Nkulunkulu wami , ngiyakukuphakamisa.
29
Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.