Skip to Content

AmaHubo Chapter 135

1 Haleluya! Dumisani igama likaJehova; mdumiseni nina zinceku zikaJehova 2 enimi endlini kaJehova emagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu. 3 Dumisani uJehova , ngokuba uJehova muhle ; hubelani igama lakhe , ngokuba limnandi. 4 Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe , no-Israyeli ukuba abe yimfuyo yakhe. 5 Impela ngiyazi ukuthi uJehova mkhul u nokuthi iNkosi yethu iphezu kwabo bonke onkulunkulu. 6 Konke uJehova akuthandayo uyakwenz a ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke. 7 Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlab a, wenza imibani kube yimvula; ukhipha umoya ezingotsheni zakhe. 8 Washaya amazibulo aseGibithe, awabantu kanye nawezilwane. 9 Wathuma izibonakaliso nezimangalis o phakathi kwakho , Gibithe, phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke. 10 Washaya izizwe ezinkulu, wabulala amakhosi anamandla: 11 uSihoni inkosi yama -Amori, no-Ogi inkosi yaseBashani , nemibuso yonke yaseKhanani. 12 Wanika izwe labo laba yifa, laba yifa lika-Israyeli, isizwe sakhe. 13 Jehova, igama lakho limi phakade ; isikhumbuzo sakho , Jehova, sisezizukulwaneni ngezizukulwane. 14 Ngokuba uJehova uyakwahlulela abantu bakhe, ahawukele izinceku zakhe. 15 Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu. 16 Umlomo zinawo, kepha azikhulumi; amehlo zinawo, kodwa aziboni. 17 Izindlebe zinazo, kepha azizwa, nomoya awukho emlonyeni wazo. 18 Abazenzayo bayafana nazo, bonke abazethembayo. 19 Wena ndlu ka -Israyeli, mbonge uJehova ; wena ndlu ka -Aroni, mbonge uJehova. 20 Wena ndlu kaLevi, mbonge uJehova; nina enimesabayo uJehova, mbongeni uJehova. 21 UJehova makabongwe eSiyoni, yena owakhe eJerusalema. Haleluya!