Skip to Content

AmaHubo Chapter 145

1 Ngiyakukuphakamisa wena Nkulunkulu wami, Nkosi, ngilituse igama lakho phakade naphakade. 2 Imihla yonke ngiyakukubonga , ngilidumise igama lakho phakade naphakade. 3 Mkhulu uJehova , umelwe ukudunyiswa kakhulu ; ubukhulu bakhe abuphenyisiseki. 4 Isizukulwane siyakubabaza kwesinye i misebenzi yakho, simemezele izenzo zakho zamandla. 5 Ngiyakuzindla ngenkazimulo nodumo lobukhosi bakh o nangezimangaliso zakho. 6 Abantu bayakukhuluma ngamandla ezenzo zakho ezesabekayo ; ubukhulu bakho ngiyakubumemezela. 7 Bayakweneka kakhulu inkumbulo yobuhl e bakho obukhulu , bahube ngokulunga kwakho. 8 UJehova unesihe nobumnene; uyephuza ukuthukuthela, mkhulu ngomusa. 9 UJehova muhle kubo bonke; uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke. 10 Yonke imisebenzi yakho iyakukudumisa, abangcwele bakho bakubonge. 11 Ngenkazimulo yombuso wakho bayakukhuluma , bashumayele ngamandla akho 12 ukuba babazise abantwana babantu izenzo zakho zamandl a nenkazimulo yobukhosi bombuso wakho. 13 Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade ; ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane. 14 UJehova uyaphasa bonke abawayo, abavuse bonke abathotshisiweyo. 15 Amehlo abo bonke alinda wena; uyabanika ukudla ngesikhathi esiyiso. 16 Uyavula isandla sakho, usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo. 17 UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke , unomusa emiseb enzini yakhe yonke. 18 UJehova useduze nabo bonke abambizayo, bonke abambizayo ngeqiniso. 19 Uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo; uyezwa ukukhala kwabo, abasindise. 20 UJehova uyalondoloza bonke abamthandayo , kepha ababi bonke uyakubabhubhisa. 21 Umlomo wami uy akukhuluma udumo lukaJehova, inyama yonke ibonge igama lakhe elingcwele kuze kube phakade.