AmaHubo Isahluko 15
1
Jehova, ngubani oyakuhlala etendeni lakho na ? Ngubani oyakwakha entabeni yakho engcwele na?
2
Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga , okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe,
3
ongahlebi ngolimi lwakhe , ongamoni umngane wakhe , nongamhlazi umakhelwane wakhe;
4
obuka onengekayo ngokuzakumenyanya , kepha ebazisa abamesabayo uNkulunkulu; ofunga ngokuzakumlimaza, nokho angalaphuli izwi lakhe;
5
ongatsheleki muntu imali yakhe ukub a izale , nongamukeli umvuzo ngongenacala; owenza lokhu akayikuzanyazanyiswa naphakade.