AmaHubo Isahluko 65
1
Udumiso luhlalela wena Nkulunkulu eSiyoni, nesithembiso siyakugcwaliswa kuwe.
2
Wena ozwayo imikhuleko, beza kuwe bonke abantu.
3
Izenzo ezimbi zangahlula; iziphambeko zethu uyaziyekela.
4
Ubusisiwe omkhethayo wena, omsondezayo ukuba ahlale emagcekeni akho; siyakusutha ngokuhle kwendlu yakho, ithempeli lakho elingcwele.
5
Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni , Nkulunkulu wensindiso yethu , wena oyithemba lemikhawulo yonke yomhlab a nelolwandle olukude;
6
yena omisa izintaba ngamandla akhe, obhince amandla;
7
othulisa ukuduma kwezilwandle , inhlokomo yamaza azo nomsindo wabantu.
8
Abakhile emikhawulweni yomhlab a bayesaba ngezibonakaliso zakho ; uyethabisa impumalanga nentshonalanga.
9
Uhambela umhlaba, unisa imvula , uwuvundisa kakhulu ; umfula kaNkulunkulu ugcwele amanzi ; ubalungisela abantu ukudla , ngokuba uwulungisa kanjalo umhlaba.
10
Umatisa imisele yawo , ulalisa amasoyi awo ; uwuthambisa ngezihlambi , ubusise okumila kuwo.
11
Umnyaka uyawuhlob isa ngobumnene bakho , nemikhondo yakho iconsa amafutha.
12
Amadlelo asehlane ayaconsa; amagquma abhinca injabulo.
13
Amadlelo embethe izimvu , nezigodi zisibekelwe ngamabele ; konke kuyajabula, kuhlabelele.