Skip to Content

AmaHubo Isahluko 75

1 Siyakubonga, Nkulunkulu, siyabonga; igama lakho liseduze ; balanda izimangaliso zakho. 2 Lapho ngiyakugcina isikhathi esimisiweyo, ngiyakwahlulela ngokulunga. 3 Umhlaba uyancibilika nabo bonke abakhe kuwo ; mina ngimisile izinsika zawo. Sela 4 Ngithe kwabazidlayo: Ningazidli, nakwababi: Ningaphakamisi uphondo. 5 Ningaluphakamiseli phezulu uphondo lwenu, ningajoqi ngentamo elukhuni. 6 Ngokuba ukuphakanyiswa akuveli empumalang a nasentshonalanga nasehlane lasezintabeni, 7 kepha uNkulunkulu ungumahluleli ; omunye uyamehlisa , omunye amphakamise. 8 Ngokuba esandleni seNkosi kukhona isitsha; iwayini liyakhephuza; sigcwele ngeliqungiweyo, yona iyathulula ngaso ; impela bonke ababi emhlabeni bayakuyimunca inhleze yalo, bayiphuze. 9 Kepha mina ngiyakumemezela ngakho kuze kube phakade , ngidumise uNkulunkulu kaJakobe. 10 Zonke izimpondo zababi ngiyakuzinquma ; kepha izimpondo zolungileyo ziyakuphakanyiswa.