AmaHubo Isahluko 84
1
Zithandeka kangaka izindlu zakho, Jehova Sebawoti.
2
Umphefumulo wami ulangazelela , womela amagceke kaJehova ; inhliziyo yami nomzimba wami kuyahuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.
3
Ngokuba umzwilili ufumene indlu , nenkonjane isidleke sayo , lapho ibeka khona amazinyane ayo , ngisho ama -altare akho , Jehova S ebawoti, Nkosi yami, Nkulunkulu wami.
4
Babusisiwe abahlala endlini yakho; bayakuhlala bebonga wena. Sela
5
Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe , abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo.
6
Bedabula imfunda yezinyembez i bayenza ibe yindawo yeziphethu; yebo, nemvula yokuqala iyayisibekela ngezibusiso.
7
Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eSiyoni.
8
Jehova Nkulunkulu Sebawoti , yizwa umkhuleko wami , ubeke indlebe , Nkulunkulu kaJakobe. Sela
9
Wena Nkulunkulu , siHlangu sethu , bheka, ubuke ubuso bogcotshiweyo wakho.
10
Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami kunokuhlala ematendeni ababi.
11
Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu ; uJehova uyakupha umusa nodumo; akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.
12
Jehova Sebawoti, ubusisiwe umuntu okwethembayo.