AmaHubo Chapter 9
1
Ngiyakumbonga uJehova ngayo yonke inhliziyo yami ; ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho.
2
Ngiyakujabula, ngethabe kuwe ; ngiyakudumisa igama lakho w ena oPhezukonke,
3
ngokuba izitha zami zibuyela emuva, ziwa, zibhubha ebusweni bakho,
4
ngokuba ulimelele ilungelo lami nendaba yami , uhlezi esihlalweni sobukhosi, ungumahluleli olungileyo.
5
Ujezisile abezizwe , wabhubhisa ababi; igama labo ulesulile kuze kub e phakade naphakade.
6
Izitha ziphelile , zachitheka kuze kube phakade ; imizi wayisimbula , ukukhunjulwa kwayo kwaphela nya.
7
UJehova uyabusa kuze kube phakade ; isihlalo sakhe sobukhosi usimisela ukwahlulela;
8
umhlaba uyakuwahlulela ngokulunga, athethe amacala ezizwe ngobuqotho.
9
UJehova uyinqaba yocindezelweyo, uyinqaba ezikhathini zokuhlupheka.
10
Nabalaziyo igama lakho bayakwethemba wena ; ngokuba wena Jehova awubashiyi abakufunayo.
11
Hubani nimdumise uJehova ohlezi eSiyoni ; memezelani ezizweni izenzo zakhe ezinkulu.
12
Ngokuba yena ophindisela igazi uyabakhumbula abahluphekayo ; akakhohlwa ukukhala kwabo.
13
Yiba nomusa kimi, Jehova; kubone engihlupheka ngakho ngabangizondayo wena ongiphakamisa emasangweni okufa,
14
ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngethabe ngokusindisa kwakho emasangweni endodakazi yaseSiyoni.
15
Abezizwe bashone phansi egebeni abalenzileyo ; unyawo lwabo lubhajwe esihibeni abasifihlileyo.
16
UJehova uzazisile, wahlulela; umcuphile omubi emsebenzini wezandla zakhe. Higayoni. Sela
17
Ababi bayakubuyela endaweni yabafileyo , bonke abezizwe abakhohlwa uNkulunkulu.
18
Ngokuba ompofu kayikukhohlakala njalo ; ithemba labahluphekayo aliyikunyamalala kuze kube phakade.
19
Vuka, Jehova! Mawungavumi ukuba abantu bahlule ; abezizwe mabahlulelwe ebusweni bakho.
20
Mabashaywe luvalo , Jehova; abezizwe mabazazi ukuthi bangabantu nje . Sela