IsAmbulo Chapter 5
1
Ngase ngibona esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle , inamathelisiwe ngezimpawu eziyisikhombisa.
2
Ngase ngibona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu , ithi: Ngubani ofanele ukuvula le ncwadi nokuqaqa izimpawu zayo na?
3
Kwakungekho namunye ezulwini , nasemhlabeni, nangaphansi komhlaba owayenamandla okuyivula incwadi, abuke kuyo.
4
Ngakhala kakhulu ngokuba kungafunyanwanga namunye ofanele ukuyivula leyo ncwadi, abuke kuyo.
5
Omunye wamalunga wayesethi kimi : Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda , iMpande kaDavide , ukuba ivule incwadi nezimpawu zayo eziyisikhombisa.
6
Ngase ngibona ngaphakathi kwesihlalo sobukhosi nezidalwa ezine nangaphakathi kwamalunga kumi iWundlu kungathi lihlatshiwe , linezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa angoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu abathunyelwe emhlabeni wonke.
7
Leza, layithabatha esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi.
8
Kuthe seliyithabathile incwadi , izidalwa ezine namalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kweWundlu , kuyilelo nalelo linehabhu nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.
9
Ahlabelela igama elisha , athi: Ufanele wena ukuyithabatha incwad i nokuvula izimpawu zayo , ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,
10
wabenza babe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu , babuse emhlabeni.
11
Ngase ngibona, ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi , nezidalwa, namalunga, nomumo wazo wawuyizigidi zezigidi nezinkulungwane zezinkulungwane,
12
zithi ngezwi elikhulu : Lifanele iWundlu elahlats hwayo ukwamukela amandla nengcebo , nokuhlakanipha, nokunqoba, nodumo, nenkazimulo, nesibusiso.
13
Nakho konke okudaliweyo okusezulwini , nokusemhlabeni, naphansi komhlaba, naselwandle, nakho konke okukukho , ngakuzwa kuthi : Kuyena ohlezi esihlalweni sobukhos i nakulo iWundlu makube yisibusiso, nodumo, nenkazimulo, namandla kuze kube phakade naphakade.
14
Nezidalwa ezine zathi: Amen, namalunga awa phansi, akhuleka.