Skip to Content

IsiLilo Chapter 1

1 Yeka ukuhlala kodwa komuzi owawunabantu abaningi ! Usungumfelokazi owawunezizwe eziningi . Owawuyinkosikazi phakathi kwezifunda usungobuswayo. 2 Uyakhala nokukhala ebusuku , izinyembezi zawo zisezihla thini zawo ; kawunamduduzi phakathi kwazo zonke izithandwa zawo ; bonke abangane bawo bawuphathe ngenkohliso, sebe yizitha zawo. 3 UJuda uthunjiwe ngenxa yokuhlupheka nobugqila obuningi; uhlala phakathi kwabezizwe, katholi ukuphumula; bonke abamzingelayo bamf ica ephakathi kobuhlungu. 4 Izindlela zaseSiyoni ziyalila ngokuba kungeziwa emikhosini emisiweyo; onke amasango achithekile , abapristi balo bayabubula ; izintombi zalo ziyahlupheka, nalo linomunyu. 5 Abamelene nalo sebe yinhloko , izitha zalo zinokuthula , ngokuba uJehova ulihluphile ngenxa yobuningi beziphambeko zalo ; izingane zalo ziye ekuthunjweni ebusweni bezitha. 6 Bonke ubukhosi bumukil e endodakazini yaseSiyoni ; izikhulu zalo sezinjengezindluzele ezingafumani idlelo, zihambile zingenamandla ebusweni babaxoshayo. 7 IJerusalema liyakhumbula ezinsukwin i zokuhlupheka kwalo nezinsizi zal o konke okuhle okwakukhona ezinsukwini zasendulo ; lapho abantu balo bewela esandleni sezitha , kungekho olisizayo , abamelene nalo balibona , bahleka ukuchithwa kwalo. 8 IJerusalema lalonile kakhulu ; ngalokho seliyisinengiso ; bonke ababelidumisa sebelidelel a ngokuba bebone ubunqunu balo ; seliyabubula nalo, libuyela emuva. 9 Ukungcola kwal o kwakusemaphethelweni alo , alikhumbulanga ukuphela kwalo; lehlile ngokumangalisayo, alinamduduzi. Bheka, Jehova, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sizikhulisile. 10 Isitha selulile isandla sas o phezu kwakho konke okumnandi kwalo , ngokuba sibonile ukuthi abezizwe bangene endlini yalo engcwele, owabayala ukuthi abayikungena ebandleni lakho. 11 Bonke aban tu balo bayabubula , befuna isinkwa sabo ; banika okumnandi kwabo ngokudla ukuba babuyise umphefumulo . Bheka, Jehova, ubhekisise, ngokuba ngiyadelelwa. 12 Akulutho kinina nonke enidlul a ngendlela na ? Bhekani, nibone ukuba kukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu bami engehlelwe yibo, uJehova angihluphe ngabo ngosuku lokufutheka kwentukuthelo yakhe. 13 Ephezulu ungithumele umlil o emathanjeni ami , wawahlula; wenekele izinyawo zami inetha , wangibuyisela emuva. Ungenze incithakalo, ngiphele amandla usuku lonke. 14 Iziphambeko zami zaboshwa ngesandla sakhe , zaba yijoka ; zalukwa, sezisentanyeni yami; wakhubekisa amandla ami . INkosi inginikele esandleni sabo engingenakumelana nabo. 15 INkosi ilahlile onke amaqhawe ami phakathi kwami ; ingibizele umhlangano ukuphahlaza izinsizwa zami ; iNkosi inyathele njengasesikhamweni sewayini intombi eyindodakazi yakwaJuda. 16 Ngiyakhala ngalokhu; iso lami , iso lami liyamululeka izinyembezi , ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami . Abantwana bami bachithekile, ngokuba isitha sahlulile. 17 ISiyoni liyelula izandla zalo , akakho oliduduzayo . UJehova uyalile ngoJakobe ukuba abamzungezayo babe yizitha zakhe . IJerusalema linjengesinengiso phakathi kwabo. 18 UJehova ulungile , ngokuba ngihlubukile izwi lakhe . Ake nizwe , bantu bonke, nibone ubuhlungu bami . Izintombi zami nezinsizwa zami ziye ekuthunjweni. 19 Ngazibiza izithandwa zami, zangikhohlisa. Abapristi bami namalunga ami bafela emzini, besafuna ukudla ukuba babuyise umphefumulo wabo. 20 Bheka, Jehova, ngokuba nginosizi; izibilini zami ziyaxhaphazela. Inhliziyo yami iphendukile phakathi kwami, ngokuba ngihlubukile nokuhlubuka. Endle yinkemba eyaphucayo, ekhaya ngukufa. 21 Bezwile ukuthi ngiyabubula , kepha anginamduduzi . Zonke izitha zami zizwile ukuhlupheka kwami ; ziyathokoza ukuthi nguwe okwenzileyo . Ululethile usuku olumemezileyo, kepha ziyakuba njengami. 22 Mabufike bonke ububi bazo ebusweni bakho , wenze kuzo njengokwenza kwakho kim i ngenxa yazo zonke iziphambeko zami , ngokuba ukububula kwami kukhulu, nenhliziyo idangele.