Skip to Content

IsiLilo Chapter 5

1 Khumbula, Jehova, esehlelwe yikho; bheka, ubone ihlazo lethu. 2 Ifa lethu seliphendulelwe abafokazi, nezindlu zethu kwabezizwe. 3 Siyizintandane, asinababa; omame banjengabafelokazi. 4 Amanzi ethu siyawaphuza ngemali, izinkuni zethu ziza ngentengo. 5 Abasixoshayo basezintayeni zethu; sikhathele, asinakuphumula. 6 Sinike isandla sethu kulo iGibithe nakulo i-Asiriya ukuba sisuthe isinkwa. 7 Obaba bona abasekho; thina sithwala ububi babo. 8 Izigqila ziyasibusa; akakho osikhulula esandleni sabo. 9 Sithola ukudla kwethu ngokuzidela amathamb o ngenxa yenkemba yasehlane. 10 Isikhumba sethu siyasha njengeziko ngokushisa kwendlala. 11 Balala nabesifazane eSiyoni, izintombi zasemizini yakwaJuda. 12 Izikhulu zaphanyekwa ngezandla zabo; ubuso babadala ababuhloniphanga. 13 Izinsizwa zathwala amatshe okugaya , abantwana bakhubeka phansi kwezinkuni. 14 Abadala baphelile esangweni, nezinsizwa ekuhlabeleleni kwazo. 15 Intokozo yenhliziyo yethu iphelile; ukusina kwethu kuphenduke ukulila. 16 Umqhele uwile ekhanda lethu. Maye kithina, ngokuba sonile! 17 Ngalokho inhliziyo yethu idangele; ngalezi zinto amehlo ethu afiphele, 18 ngenxa yentaba yaseSiyoni echithekile, zize zihambe kuyo izimpungushe. 19 Wena Jehova u mi phakade ; isihlalo sakho sobukhos i sikhona ezizukulwaneni ngezizukulwane. 20 Usikhohlelwani kuze kube phakade, usishiye izinsuku eziningi, na? 21 Sibuyisele kuwe Jehova , siyakubuya; yenza izinsuku zethu zibe zintsha njengasendulo, 22 ngokuba usilahlile nokusilahla, wasithukuthelela kakhulu.